Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 1:1 - Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Nantu uhla lozalo okwavela kulo uJesu Khristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abhrahama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 1:1
39 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba kanje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.


U-Abrahama wazala u-Isaka; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala uJuda nabafowabo;


Bheka, kwavela kuleyo mikhawulo owesifazane waseKhanani, wakhala kuye, wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide; Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.


UJesu esebhapathiziwe wahle wakhuphuka emanzini;


UJesu esesukile lapho, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, Ndodana kaDavide!


Uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade; nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.


Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uzavela enzalweni kaDavide, naseBetlehema, emzini kaDavide, na?


Ngakho-ke engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wafunga kuye ngesifungo ukuthi esithelweni sokhalo lwakhe ngokwenyama uzavusa uKristu ukuthi ahlale esihlalweni sakhe sobukhosi;


Mayelana neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu, owavela enzalweni kaDavide ngokwenyama;


Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asifikanga ku-Abrahama nenzalo yakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa.


abangababo obaba, avela kubo uKristu ngokwenyama, uNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.


Manje izithembiso zenziwa ku-Abrahama nasenzalweni yakhe. Akasho ukuthi: Nasezinzalweni, kungathi ngeziningi; kodwa kungathi ngeyodwa: Nasenzalweni yakho enguKristu.


Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu;


Khumbula ukuthi uJesu Kristu wavuswa kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami;


Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Mina ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ekhanyayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka