Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Nantu uhla lozalo okwavela kulo uJesu Khristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abhrahama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 1:1
39 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakubusisa okubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo; futhi ziyobusiswa ngawe zonke izizukulwane zomhlaba.


Lona-ke umlando wamazulu nomhlaba ekudalweni kwakho nomuntu ensimini ngosuku uJehova uNkulunkulu akwenza ngalo.


Ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba ziyobusiswa; ngoba ulilalele ilizwi lami.


Le yincwadi yezizukulwane zika-Adamu. Mhla uNkulunkulu edala umuntu, wamenza ngomfanekiso kaNkulunkulu;


UJehova wafunga kuDavide ngeqiniso; akayikuphenduka kukho; Esithelweni somzimba wakho ngiyakuhlala esihlalweni sakho sobukhosi.


Ngenza isivumelwano nabakhethiweyo bami, ngafunga encekwini yami uDavide,


Inzalo yakhe iyakuma kuze kube phakade, nesihlalo sakhe sobukhosi sinjengelanga phambi kwami.


Kuyakuphuma intonga esizweni sakwaJese, kuhlume ihlumela ezimpandeni zakhe;


Wasuswa etilongweni nasekwahlulelweni; futhi ngubani ongamemezela ubulili bakhe? ngoba waqunywa elizweni labaphilayo; ngenxa yesiphambeko sabantu bami washaywa.


Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuvusela uDavide iHlumela elilungileyo, kube yinkosi eyakubusa, ibe nempumelelo, yenze ukwahlulela nokulunga emhlabeni.


Njalo ngizayilahla inzalo kaJakobe lenceku yami uDavida, ukuze ngingathathi loyedwa wenzalo yakhe abe ngumbusi phezu kwenzalo kaAbrahama, uIsaka loJakobe; ngoba ngizabuyisela ukuthunjwa kwabo lesihawu phezu kwabo.


Ngalolo suku ngiyakuvusa itabernakele likaDavide eliwileyo, ngivale imifantu yalo; ngiyakuvusa amanxiwa awo, ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo.


Ngalolo suku uJehova uyobavikela abakhileyo eJerusalema; obuthakathaka phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide; indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova phambi kwabo.


Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba kanje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.


U-Abrahama wazala u-Isaka; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala uJuda nabafowabo;


Bheka, kwavela kuleyo mikhawulo owesifazane waseKhanani, wakhala kuye, wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide; Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.


UJesu esebhapathiziwe wahle wakhuphuka emanzini;


UJesu esesukile lapho, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, Ndodana kaDavide!


Uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade; nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.


Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uzavela enzalweni kaDavide, naseBetlehema, emzini kaDavide, na?


Ngakho-ke engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wafunga kuye ngesifungo ukuthi esithelweni sokhalo lwakhe ngokwenyama uzavusa uKristu ukuthi ahlale esihlalweni sakhe sobukhosi;


Mayelana neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu, owavela enzalweni kaDavide ngokwenyama;


Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asifikanga ku-Abrahama nenzalo yakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa.


abangababo obaba, avela kubo uKristu ngokwenyama, uNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.


Manje izithembiso zenziwa ku-Abrahama nasenzalweni yakhe. Akasho ukuthi: Nasezinzalweni, kungathi ngeziningi; kodwa kungathi ngeyodwa: Nasenzalweni yakho enguKristu.


Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu;


Khumbula ukuthi uJesu Kristu wavuswa kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami;


Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Mina ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ekhanyayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka