Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KuThithu 1:16 - Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu; kodwa bayamphika ngemisebenzi, benengekayo, nabangalaleliyo, nakuyo yonke imisebenzi emihle bengaboshiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu; kodwa bayamphika ngemisebenzi, benengekayo, nabangalaleliyo, nakuyo yonke imisebenzi emihle bengaboshiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KuThithu 1:16
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nanjengalokho bengathandanga ukuba nokwazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni eyonakeleyo, ukuba benze okungafanele;


Makungabikho onikhohlisayo ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.


sisazi lokhu ukuthi umthetho kawumiselwe olungileyo, kodwa ongelamthetho, labangalaleliyo, abangamesabi uNkulunkulu, lezoni, abangcolileyo, labangcolileyo, ababulali oyise, ababulali babonina, ababulali;


Kepha uma umuntu engabondli abakhe, ikakhulu abendlu yakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.


ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.


Bakhumbuze ukuba bathobele izikhulu namandla, balalele izinduna, balungele yonke imisebenzi emihle;


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sikhohliswa, sikhonza izinkanuko nezinjabulo ezihlukahlukene, siphila ebubini nomhawu, sizondwa, sizondana.


Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, neqiniso alikho kuye.


Ngokuba sekungene ngokunyenya abantu abathile, abamiselwa ngaphambili lokhukulahlwa ngaphambili, abangamesabi uNkulunkulu, abaphendula umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa uNkulunkulu wethu, neNkosi yethu uJesu Kristu.


Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka