Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KuThithu 1:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu; kodwa bayamphika ngemisebenzi, benengekayo, nabangalaleliyo, nakuyo yonke imisebenzi emihle bengaboshiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu; kodwa bayamphika ngemisebenzi, benengekayo, nabangalaleliyo, nakuyo yonke imisebenzi emihle bengaboshiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KuThithu 1:16
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

kakhulu kangakanani onengekayo nowonakeleyo, umuntu ophuza ukona njengamanzi, na?


Kukhona isizukulwane esimhlophe emehlweni aso, esingahlanzwanga ensileni yaso.


Yathi iNkosi: “Ngenxa yokuba laba bantu besondela, bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo, kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo, nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


“Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobe obiziwe ngegama lika-Israyeli, waphuma emanzini akwaJuda, ofunga igama likaJehova, odumisa uNkulunkulu ka-Israyeli, kungengaqiniso nakulunga kodwa.


Nokho bangifuna izinsuku zonke, bathanda ukwazi izindlela zami; njengesizwe esenza ukulunga, singashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso, babuza kimi izahlulelo zokulunga, bathanda ukusondela kuNkulunkulu.


ukuphambuka nokumphika uJehova, nokumhlubuka uNkulunkulu wethu, nokukhuluma ukucindezela nokwambuka, nokucabanga nokukhuluma amazwi amanga aphuma enhliziyweni.


Ubatshalile, futhi bagxilile; bayakhula, bathela izithelo; useduze nomlomo wabo, kepha ukude nezinhliziyo zabo.


Noma bethi: ‘Kuphila kukaJehova,’ nokho bafunga amanga.”


Bayakuthiwa isiliva elilahlwayo, ngokuba uJehova ubalahlile.”


Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa, ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo.


ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, owazi ukwazi koPhezukonke, obonile umbono kaSomandla, ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe, uthi:


Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele,


Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.


ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo, umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe, abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo, nababulali bawonina, nababulala abantu,


Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.


ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.


Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle,


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.


Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye;


Ngokuba sebengenile ngokunyenya abantu abathile okwalotshwa ngabo phambili endulo ukuthi bayakwehlelwa yilokhu kulahlwa, abangamesabi uNkulunkulu, bephendukezela umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa neNkosi yethu uJesu Kristu.


Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


USamuweli wathi: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.


USawule wayesethi kuSamuweli: “Ngonile, ngokuba ngeqile isiyalezo sikaJehova namazwi akho, lokhu ngesaba abantu, ngalalela izwi labo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka