Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 6:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “ ‘ “UJehova makakubusise, akulondoloze;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

24 “ ‘USimakade makakubusise, akulondoloze;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 INkosi inibusise futhi ikuvikele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 6:24
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona, ngikubuyisele kuleli zwe, ngokuba angiyikukushiya, ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.”


ngalokho-ke mawuvume ukubusisa indlu yenceku yakho ukuba ibe sebusweni bakho kuze kube phakade, ngokuba wena Nkosi, Jehova, ukukhulumile; ngesibusiso sakho mayibusiswe indlu yenceku yakho kuze kube phakade.”


UJehova makakubusise eseSiyoni, yena owenzile izulu nomhlaba.


Ngigcine njengenhlamvu yeso, ungisithe ethunzini lamaphiko akho


Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubaluse, ubathwale kuze kube phakade.


Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.


Mina Jehova ngingumlindi waso, ngiyakusinisela njalo; funa soniwe, ngiyakusilinda ubusuku nemini.


“Mina Jehova ngikubizile ngokulunga, ngiyakubamba isandla sakho, ngikugcine, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu nokukhanya kwabezizwe,


“Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakele ngenxa yeNkosi.


Angisekho ezweni mina, basezweni bona, mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.


Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo osesikhundleni sabangafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na, lokhu engakwazi okushoyo?


Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Kristu ngokunganqamukiyo.


Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.


Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.


Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.


nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Kepha kuyena onamandla okunilinda ukuba ningakhubeki, nimiswe phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza okukhulu,


Bheka, uBowazi wafika evela eBetlehema, wathi kwabavunayo: “UJehova makabe nani.” Bathi kuye: “UJehova makakubusise.”


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka