Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 6:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 INkosi inibusise futhi ikuvikele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “ ‘ “UJehova makakubusise, akulondoloze;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

24 “ ‘USimakade makakubusise, akulondoloze;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 6:24
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, nginawe, ngiyakukugcina ezindaweni zonke oya kuzo, ngikubuyisele kuleli zwe; ngoba kangiyikukutshiya ngize ngenze lokho engikukhulume kuwe.


Manje kakube kukuhle kuwe ukubusisa indlu yenceku yakho ukuba ime phambi kwakho kuze kube phakade, ngokuba wena, Nkosi Jehova, ukukhulumile; indlu yenceku yakho mayibusiswe ngesibusiso sakho kuze kube phakade.


UJehova owadala izulu nomhlaba makakubusise eseZiyoni.


Ngigcine njengenhlamvu yeso, ungifihle ngaphansi komthunzi wamaphiko akho,


Hlunga abantu bakho, ubusise ifa lakho; ubaphe ukudla, ubaphakamise kuze kube phakade.


Ngoba uzalaya izingilosi zakhe ngawe ukuthi zikulinde ezindleleni zakho zonke.


Mina Jehova ngiyakulonda; ngizawunisela umzuzu wonke; ukuze kungabikho muntu owulimazayo, ngizowuqapha ubusuku nemini.


Mina, Jehova, ngikubizile ngokulunga, ngiyakubamba isandla sakho, ngikugcine, ngikubeke ube yisivumelwano sezizwe, ube ngukukhanya kwabezizwe;


Manje yizwa, Nkulunkulu wethu, umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, futhi mawukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele echithekile ngenxa yeNkosi.


Kalokhu angisekho ezweni, kepha bona basezweni, mina ngiza kuwe. Baba oNgcwele, bagcine egameni lakho labo onginike bona, ukuze babe munye, njengathi.


Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo ohlezi endaweni yongafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho, lokhu engakwazi okushoyo na?


Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Kristu ngobuqotho. Amen. (Kwabase-Efesu ilotshwa eRoma, nguThikhiku.)


Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen. (KwabaseFiliphi ilotshwa nguEphafrodithu eseRoma.)


Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.


UNkulunkulu wokuthula yena uqobo makaningcwelise ngokupheleleyo; njalo ngiyakhuleka kuNkulunkulu wonke umoya wenu lomphefumulo lomzimba, kulondolozwe kungelacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.


Nina enigcinwa ngamandla kaNkulunkulu ngokholo kube yinsindiso elungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina.


Kuye olamandla okulilinda ekukhubekeni, lokulimisa phambi kwenkazimulo yakhe lingelasici ngentokozo enkulu;


Bheka, uBhowazi wafika evela eBetlehema, wathi kubavuni: “UJehova makabe nani. Zathi kuye: “UJehova makakubusise;


Uzalinda inyawo zabangcwele bakhe, lababi bazathuliswa ebumnyameni; ngoba ngamandla kakho ozanqoba.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka