Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 35:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 inhlangano imophule umbulali esandleni somphindiseli wegazi, inhlangano imbuyisele emzini wakhe wokuphephela lapho ebebalekele khona, ahlale kuwo aze afe umpristi omkhulu owayegcotshiwe ngamafutha angcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

25 Inhlangano iyakumhlenga umbulali esandleni somphindiseli wegazi, imbuyisele emzini wakhe wokuphephela lapho ebebalekele khona, ahlale kuwo kuze kufe umphristi omkhulu owayegcotshwe ngamafutha angcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Inhlangano kumelwe ikhulule umbulali esandleni somuntu womele igazi, futhi inhlangano kumelwe imbuyisele emzini okhululekile ayebalekele kuwo; futhi kumelwe ahlale kulo kuze kube sekufeni kompristi ophakeme ogcotshwe ngamafutha angcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 35:25
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakuqoqwa futhi; uNkulunkulu akasusi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.


Uthabathe amafutha okugcoba, uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.


“ ‘Ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo, kuthelwe ekhanda lakhe amafutha okugcoba, nowahlukaniselwa ukuba embathe izambatho, akayikuthukulula izinwele zekhanda lakhe, angaklebhuli izambatho zakhe,


uma kungumpristi ogcotshiweyo owone kanjalo, aze ehlisele abantu icala, wonikela kuJehova ngesono sakhe one ngaso iduna elingenasici, kube ngumnikelo wesono,


Wathela amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba ukuba angcweliswe.


khona inhlangano iyakwahlulela phakathi koshayileyo nomphindiseli wegazi ngokwalezi zahlulelo;


“ ‘Kepha uma umbulali edlula ngesikhathi esithile umkhawulo womuzi wakhe wokuphephela lapho ebalekele khona,


ngokuba nga ehlalile emzini wakhe wokuphephela waze wafa umpristi omkhulu; kepha emva kokufa kompristi omkhulu umbulali uyakubuyela ezweni eliyifa lakhe.


Uyakuhlala kulowo muzi aze eme phambi kwenhlangano ukuba kuthethwe icala, kuze kufe umpristi omkhulu okhona ngalezo zinsuku, andukuba umbulali abuye, afike kowakhe umuzi, nakweyakhe indlu, yebo, kulowo muzi abaleka kuwo.’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka