Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 35:25 - IsiZulu 2020

25 Inhlangano iyakumhlenga umbulali esandleni somphindiseli wegazi, imbuyisele emzini wakhe wokuphephela lapho ebebalekele khona, ahlale kuwo kuze kufe umphristi omkhulu owayegcotshwe ngamafutha angcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 inhlangano imophule umbulali esandleni somphindiseli wegazi, inhlangano imbuyisele emzini wakhe wokuphephela lapho ebebalekele khona, ahlale kuwo aze afe umpristi omkhulu owayegcotshiwe ngamafutha angcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Inhlangano kumelwe ikhulule umbulali esandleni somuntu womele igazi, futhi inhlangano kumelwe imbuyisele emzini okhululekile ayebalekele kuwo; futhi kumelwe ahlale kulo kuze kube sekufeni kompristi ophakeme ogcotshwe ngamafutha angcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 35:25
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakubuye aqoqwe. UNkulunkulu akakususi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.


Uyothatha amafutha okugcoba uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.


“ ‘Ongumphristi ophakanyisiwe phakathi kwabafowabo, lowo owathelwa ngamafutha okugcoba ekhanda lakhe, wehlukaniswa ukuba embathe izembatho, akayukuwaqhaqha amagoda ekhanda lakhe, noma aklebhule izembatho zakhe,


uma kungumphristi ogcotshiweyo owonayo, ngaleyo ndlela ehlisele icala kubantu, uyonikela ngenxa yesono sakhe, ngeduna elingenasici liphuma emhlanjini wakhe libe ngumnikelo wakhe wesono kuSimakade.


Wathela amanye amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba, wamhlukanisela umsebenzi.


inhlangano iyokwehlulela phakathi koshayileyo nomphindiseli wegazi, ilandela lezi zehlulelo.


“ ‘Uma kwenzeka umbulali eqa umngcele womuzi wokuphephela lapho ebalekele khona,


ngokuba umbulali kufanele ahlale emzini wokuphephela kuze kufe umphristi omkhulu. Kodwa emva kokufa komphristi omkhulu, umbulali angabuyela ezweni eliyifa lakhe.


Umbulali uyohlala kulowo muzi kuze kuthethwe icala lakhe ebandla, kuze kufe umphristi omkhulu wangaleso sikhathi, ngaphambi kokuba umbulali abuyele ekhaya, emzini ayebaleke kuwo.’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka