Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 35:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi kulo izwe eliyifa labo imizi ukuba ahlale kuyo; niyakunika amaLevi namadlelo emizi nxazonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 “Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba baphe abaLevi, ezweni eliyifa labo, imizi ukuba bahlale kuyo. AbaLevi niyobanika namadlelo azungeze leyo mizi, nxazonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi efeni lefa lawo imizi ukuba ahlale kuyo; futhi kumelwe unike amaLevi amadlelo emizi ezungezile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 35:2
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wathi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kukuhle kini, uma kuvela kuJehova uNkulunkulu wethu, masihlakazeke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke lakwa-Israyeli kanye nabapristi namaLevi emizini yabo enamadlelo ukuba babuthane kithi,


Ngokuba amaLevi ashiya amadlelo awo nefa lawo, aya kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobowamu namadodana akhe bawalahla ukuba angabe esaba ngabapristi bakaJehova,


Namadodana ka-Aroni, abapristi ababe semasimini amadlelo emizi yabo, imizi ngemizi, ayenamadoda abizwa ngegama ukuba anike bonke abesilisa babapristi nawo onke amaLevi abhaliweyo ngezizukulwane izabelo.


Ngase ngazi ukuthi amaLevi awanikwanga izabelo zawo; amaLevi nabahlabeleli abenza umsebenzi babebalekele, kwaba yilowo nalowo ensimini yakhe.


Okusukela efeni lamaLevi nasefeni lomuzi kuyakuba phakathi kokwesikhulu, okwesikhulu kube phakathi komkhawulo wakwaJuda nomkhawulo wakwaBenjamini.


“Ngasemkhawulweni wakwaJuda, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, kuyakuba ngumnikelo eniyakunikela ngawo, ububanzi bube yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ubude bube njengesinye sezabelo, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, indlu engcwele ibe phakathi naso.


UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi:


Imizi ayakuhlala kuyo, amadlelo awo abe ngawezinkomo zawo, nawempahla yawo, nawezilwane zonke zawo.


“Uma umLevi evela noma kuliphi isango kwa-Israyeli wonke, lapho egogobele khona, afike ngaso sonke isifiso somphefumulo wakhe endaweni uJehova ayakuyikhetha,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka