UNumeri 35:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE2 “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi kulo izwe eliyifa labo imizi ukuba ahlale kuyo; niyakunika amaLevi namadlelo emizi nxazonke. Uka jalj uñjjattʼätaIsiZulu 20202 “Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba baphe abaLevi, ezweni eliyifa labo, imizi ukuba bahlale kuyo. AbaLevi niyobanika namadlelo azungeze leyo mizi, nxazonke. Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 20242 Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi efeni lefa lawo imizi ukuba ahlale kuyo; futhi kumelwe unike amaLevi amadlelo emizi ezungezile. Uka jalj uñjjattʼäta |
“Ngasemkhawulweni wakwaJuda, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, kuyakuba ngumnikelo eniyakunikela ngawo, ububanzi bube yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ubude bube njengesinye sezabelo, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, indlu engcwele ibe phakathi naso.