Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 35:2 - IsiZulu 2020

2 “Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba baphe abaLevi, ezweni eliyifa labo, imizi ukuba bahlale kuyo. AbaLevi niyobanika namadlelo azungeze leyo mizi, nxazonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi kulo izwe eliyifa labo imizi ukuba ahlale kuyo; niyakunika amaLevi namadlelo emizi nxazonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi efeni lefa lawo imizi ukuba ahlale kuyo; futhi kumelwe unike amaLevi amadlelo emizi ezungezile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 35:2
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wayesethi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kukuhle kini, futhi kuvela kuSimakade uNkulunkulu wethu, masiphume ngandlela zonke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke kwa-Israyeli, nabaphristi nabaLevi emizini yabo enamadlelo, ukuba babuthane beze lapha kithi.


AbaLevi bashiya amadlelo abo nefa labo, baya kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobhowamu namadodana akhe bawenqabela ukuba abe ngabaphristi bakaSimakade.


Ozalweni luka-Aroni, abaphristi, ababesemasimini angamadlelo emizi yabo, kwaqokwa amadoda emizini yonke, abizwa ngamagama ayezokwaba izabelo kubo bonke abesilisa phakathi kwabaphristi ababebhalwe ngokozalo lwabo, phakathi kwabaLevi.


Ngabuye ngezwa nokuthi abanye abaLevi nabaculi ababesebenza ethempelini sebehambile bayosebenza emasimini abo, ngoba abantu base beyekile ukuba babanike isabelo sabo.


Isabelo sabaLevi nendawo yomuzi kuyakuba phakathi kokwesikhulu, kuthi okwesikhulu kube phakathi komngcele wakwaJuda nomngcele wakwaBhenjamini.


“Ngasemngceleni wakwaJuda, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga, kuyakuba ngumnikelo eniyakunikela ngawo; ububanzi bube ngamakhubhithi ayizi-25 000, ubude bube njengesinye sezabelo kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga. Indlu engcwele iyakuba phakathi naso.


USimakade wakhuluma kuMose emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho, wathi:


Imizi iyoba ngeyabo ukuba bahlale kuyo, namadlelo ezinkomo zabo abe yimpahla yabo, nawezilwane zonke zabo.


“Uma umLevi eshiya noma yimuphi wemizi yenu yonke yakwa-Israyeli, lapho kade ehlala khona, aye endaweni ayakuyikhetha uSimakade,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka