Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 18:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ulibo oluvuthwa kuqala lwakho konke okusezweni lakubo abaluletha kuJehova luyakuba ngolwakho; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 Ulibo lwakho konke okusezweni lakubo abaluletha kuSimakade luyakuba ngolwakho. Yilowo nalowo ohlambulukileyo kwabendlu yakho uyakukudla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Konke okuvuthwa kuqala ezweni abayakukuletha kuJehova kuyakuba ngokwakho; wonke ohlambulukileyo endlini yakho uyakudla kuwo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 18:13
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwavela umuntu waseBali Shalisha, walethela lo muntu kaNkulunkulu ukudla kolibo, izinkwa zebhali* ezingamashumi amabili nezikhwebu ezintsha zamabele enqalathini yakhe. Wathi: “Banike abantu ukuba badle.”


Lanele ukusakazeka nje leli zwi, abantwana bakwa-Israyeli banikela kakhulu ngolibo lwamabele, nolwewayini, nolwamafutha, nolwezinyosi, nakuzo zonke izithelo zamasimu, baletha kakhulu okweshumi kwakho konke.


“Awuyikulibala neminikelo yamabele neyewayini. Wonginika izibulo emadodaneni akho.


“Ukuqala kolibo lwezwe lakho wokuletha endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.


“Izandulela zolibo lwezwe lakho woziyisa endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.”


Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, enjengamakhiwane ayingqalabutho; elinye iqoma lalinamakhiwane amabi kakhulu, engenakudliwa ngobubi bawo.


Lonke ulibo lokuqala lwakho konke nayo yonke iminikelo yakho konke eminikelweni yenu yonke kuyakuba ngokwabapristi, nimnike umpristi ulibo lomgqakazo wenu ukuhlalisa isibusiso phezu kwendlu yakho.


“Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneni ngesikhathi sawo sokuqala. Kepha bafika eBali Peyori, bazahlukanisela okunezinhloni, baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.


Selishonile ilanga uyakuba ngohlambulukile, andukuba adle izinto ezingcwele, ngokuba ziyisinkwa sakhe.


Maniphume ezindlini zenu nezinkwa ezimbili zokuzuliswa zokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, ziphekwe nemvubelo, zibe lulibo kuJehova.


Maye kimi! Ngokuba nginjengokuvunwa kwezithelo zasehlobo, njengokukhothozwa komvini; akukho hlukuzo lokudliwa; umphefumulo wami uyafisa ikhiwane eliyingqalabutho.


Ulibo lwamabele akho, nolwewayini lakho, nolwamafutha akho, nezandulela zoboya bezimvu zakho uyakumnika khona.


uthathe ulibo lwezithelo zonke zomhlaba olubuthayo ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka