Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 18:13 - IsiZulu 2020

13 Ulibo lwakho konke okusezweni lakubo abaluletha kuSimakade luyakuba ngolwakho. Yilowo nalowo ohlambulukileyo kwabendlu yakho uyakukudla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ulibo oluvuthwa kuqala lwakho konke okusezweni lakubo abaluletha kuJehova luyakuba ngolwakho; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Konke okuvuthwa kuqala ezweni abayakukuletha kuJehova kuyakuba ngokwakho; wonke ohlambulukileyo endlini yakho uyakudla kuwo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 18:13
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwafika umuntu waseBhali Shalisha elethele umuntu kaNkulunkulu ukudla kolibo lokuqala, izinkwa zebhali ezingama-20 nezikhwebu ezintsha zamabele emgodleni wakhe. Wathi: “Banike abantu ukuba badle.”


Lathi ukuba leli lizwi lisabalale, abantu bakwa-Israyeli banikela kakhulu ngolibo lokusanhlamvu, olwewayini, olwamafutha, oloju, nolwazo zonke izithelo zamasimu nokweshumi kwakho konke, bakuletha okweshumi kwakho konke lokhu.


“Awuyukukhohlwa ukuletha iminikelo yesivuno sakho sokusanhlamvu nesewayini. “Amazibulo amadodana akho uyakuwanika Mina.


“Ngonyaka uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho okwekhethelo kwesivuno sakho sokuqala. “Ungalipheki izinyane lembuzi obisini lukanina.”


“Uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho isivuno sakho sokuqala. “Awuyukulipheka izinyane lembuzi ngobisi lukanina.”


Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, kungathi ayizithelo zokuqala. Elinye iqoma linamakhiwane amabi kakhulu, ayengenakudliwa ngenxa yobubi bawo.


Lonke ulibo lokuqala lwakho lwekhethelo, konke nayo yonke iminikelo yakho, konke eminikelweni yenu yonke, kuyakuba ngokwabaphristi, nimnike umphristi ulibo lwenhlama yenu, ukuze isibusiso sihlale endlini yakho.


“Ngamthola u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona okhokho bakho njengolibo lomkhiwane emkhiwaneni lapho uqala. Kepha bafika eBhali Pheyori, bazinikela ehlazweni, baba ngokunengekayo njengalokho abakuthandayo.


Uma selishonile ilanga uyoba ngohlambulukileyo, bese edla izinto ezingcwele, ngoba zingukudla kwakhe.


Niyoletha okuvela ezindlini zenu kube yizinkwa ezimbili zomnikelo wokuzungeziswa, okubili eshumini kwempuphu ecolisekileyo, ziyoba nemvubelo, bese ziphekwa, zibe lulibo lokuqala kuSimakade.


Maye kimi! Ngokuba sengifana nokuvunwa kwezithelo zasehlobo, nanjengokukhothozwa komvini, akukho hlukuzo lamagilebhisi elingadliwa, iphango lami linxanela amakhiwane okuqala.


Uyomnika futhi ulibo lokusanhlamvu kwakho, olwewayini lakho, olwamafutha akho amasha, nezandulela zoboya bezimvu zakho.


Uyothatha ulibo lwezithelo zonke zomhlabathi oyoluvuna ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka