Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 15:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Umpristi uyakuyenzela yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, baze bathethelelwe, ngokuba kwakungengamabomu, futhi balethile umnikelo wabo, umnikelo womlilo kuJehova, nomnikelo wabo wesono phambi kukaJehova ngesiphosiso sabo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

25 Umphristi uyokwenzela yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli ukubuyisana; ithethelelwe ngenxa yokuba kwakungeyona inhloso, futhi iwulethile umnikelo wayo, umnikelo womlilo kuSimakade, umnikelo wabo wesono phambi kukaSimakade, ngesiphosiso sayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Umpristi kumelwe ayenzele isihlawulelo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, futhi bayothethelelwa; ngoba kungukungazi; bayakunikela ngomhlatshelo wabo, umnikelo womlilo kuJehova, nomnikelo wabo wesono phambi kukaJehova ngenxa yokungazi kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 15:25
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ungavumeli umlomo wakho ukuba wonise inyama yakho, futhi ungasho phambi kwesithunywa sikaNkulunkulu ukuthi kuyiphutha; yini ukuba uNkulunkulu athukuthelele izwi lakho, achithe umsebenzi wezandla zakho, na?


umpristi anikele ngawo, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova ngenxa yokucucuza kwakhe.


Makenze njalo ngenkunzi; njengalokho wenza ngenkunzi yomnikelo wesono, makenze njalo nangalena. Umpristi abenzele ukubuyisana, baze bathethelelwe.


Onke amanoni awo uyakuwashisa e-altare njengamanoni omhlatshelo weminikelo yokuthula, umpristi ayenzele ukubuyisana ngesono sayo, ize ithethelelwe.


Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare abe yiphunga elimnandi kuJehova, umpristi amenzele ukubuyisana, aze athethelelwe.


Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni emvu esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.


Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho.


yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.


ammisileyo uNkulunkulu abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngokuyekelwa kwezono ezenziwe ngaphambili


Onke amadoda omuzi wakubo ayakumkhanda ngamatshe aze afe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli ezwe, esabe.


Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka, kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,


yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka