Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 15:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Umpristi kumelwe ayenzele isihlawulelo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, futhi bayothethelelwa; ngoba kungukungazi; bayakunikela ngomhlatshelo wabo, umnikelo womlilo kuJehova, nomnikelo wabo wesono phambi kukaJehova ngenxa yokungazi kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Umpristi uyakuyenzela yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, baze bathethelelwe, ngokuba kwakungengamabomu, futhi balethile umnikelo wabo, umnikelo womlilo kuJehova, nomnikelo wabo wesono phambi kukaJehova ngesiphosiso sabo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

25 Umphristi uyokwenzela yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli ukubuyisana; ithethelelwe ngenxa yokuba kwakungeyona inhloso, futhi iwulethile umnikelo wayo, umnikelo womlilo kuSimakade, umnikelo wabo wesono phambi kukaSimakade, ngesiphosiso sayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 15:25
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ungavumeli umlomo wakho ukuthi wonise inyama yakho; futhi ungasho phambi kwengelosi ukuthi bekuyiphutha. Kungani uNkulunkulu ethukuthelela izwi lakho futhi achithe umsebenzi wezandla zakho na?


Umpristi kumelwe awalungiselele, elinye libe ngumnikelo wesono elinye libe ngumnikelo wokushiswa; umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova ngokucucuza kwakhe.


Kumelwe enze ngenkunzi njengoba enzile ngenkunzi njengomnikelo wesono, enze kanjalo nakulokhu; umpristi abenzele ukubuyisana, bathethelelwe.


Kumelwe athungele wonke amanoni awo emlilweni e-altare njengamanoni omnikelo wokubonga; umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe, aze uthethelelwe.


Kumelwe asuse wonke amanoni awo njengoba nje amanoni esuswa emnikelweni wokubonga; umpristi awushise e-altare, ube yiphunga elimnandi kuJehova; umpristi amenzele ukubuyisana, aze athethelelwe.


Kumelwe asuse wonke amanoni awo njengoba nje amanoni esuswa ewundlu lomnikelo wokubonga; umpristi awushise e-altare njengokweminikelo yomlilo kaJehova; umpristi enze ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, athethelelwe.


UJesu wayesethi: “Baba, bathethelele; ngoba kabakwazi abakwenzayo. Babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa.


futhi ngaye bonke abakholwayo bayalungisiswa kukho konke obungelungisiswe kukho ngomlayo kaMozisi.


ammisileyo uNkulunkulu, abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngenxa yokuthethelelwa kwezono ezenziwe ngaphambili, ngokubekezela kukaNkulunkulu;


Bonke abantu bomuzi wakubo bayakumkhanda ngamatshe, afe; khona-ke kumelwe ususe ububi ngaphansi kwakho; wonke u-Israyeli uyakuzwa, esabe.


Ngakho kwamfanela ukuthi afane labafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu olesihawu lothembekileyo ezintweni ezimayelana loNkulunkulu, ukuze enze inhlawulo yokuthula ngezono zabantu.


Kodwa kweyesibili umpristi omkhulu yedwa kungena kanye ngomnyaka, kungeyisikho ngaphandle kwegazi, azinikela ngenxa yakhe langenxa yeziphambeko zabantu.


yena uyinhlawulo yezono zethu, kungengezethu zodwa, kodwa nezono zezwe lonke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka