Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 15:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ngolibo lomgqakazo wenu niyakunikela ngeqebelengwane libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyakuwenza kanjalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 Niyonikela ngeqebelengwane lenhlama yenu yokuqala libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyowenza kanjalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kumelwe nilethe iqebelengwane lokuqala lenhlama yenu libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyakuwuphakamisa kanjalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 15:20
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

silethe ulibo lomgqakazo wethu, neminikelo yethu yokuphakanyiswa, nezithelo zemithi yezinhlobo zonke, newayini namafutha kubapristi emakamelweni endlu kaNkulunkulu wethu, nokweshumi komhlabathi wethu kumaLevi, ngokuba wona amaLevi amukela okweshumi emizini yonke esilima kuyo.


“Ukuqala kolibo lwezwe lakho wokuletha endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.


“Izandulela zolibo lwezwe lakho woziyisa endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.”


Lonke ulibo lokuqala lwakho konke nayo yonke iminikelo yakho konke eminikelweni yenu yonke kuyakuba ngokwabapristi, nimnike umpristi ulibo lomgqakazo wenu ukuhlalisa isibusiso phezu kwendlu yakho.


Anonikela ngakho kube ngumnikelo wolibo; kungenyukeli e-altare nokho, kube yiphunga elimnandi.


“ ‘Uma unikela ngomnikelo wempuphu wolibo kuJehova, wonikela ngezikhwebu zamabele ezosiwe ngomlilo, amabele agquliweyo ezikhwebu ezintsha, ube ngumnikelo wempuphu wolibo lwakho,


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifikile ezweni engininika lona, nivune isivuno salo, anoletha kumpristi isithungu solibo lwesivuno senu;


Umpristi uyakuzizulisa kanye nesinkwa solibo zibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova kanye nezimvu ezimbili; ziyakuba ngcwele kuJehova, zibe ngezompristi.


Ngolibo lomgqakazo wenu niyakunika uJehova umnikelo wokuphakanyiswa ezizukulwaneni zenu.


“Konke okuhle kwamanoni nakho konke okuhle kwewayini nokwamabele, ulibo lwalokho abanikela ngakho kuJehova ngikunikile khona.


Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.


Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, namagatsha anjalo.


Kepha kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo.


“Uyakunikela ngokweshumi kwazo zonke izithelo zembewu yakho, lokho okuvela ensimini iminyaka ngeminyaka,


ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha yena ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kwamabele akho, nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, nokwamazibulo ezinkomo zakho, nokwawezimvu zakho, ukuba ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo.


“Wogcina umkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa emva kokuba usubuthile okwesibuya sakho nokwesikhamo sakho sewayini,


Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe.


Labo yibo abangangcoliswanga yisifazane, ngokuba bayizintombi. Labo yibo abalandela iWundlu noma liyaphi. Labo bathengwa ebantwini, babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka