Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 13:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 nokuthi izwe linjani, noma livundile noma limpofu, noma linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe.” Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 nokuthi izwe linjani, livundile noma limpofu, linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe.” Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 nokuthi izwe linjani, noma livundile noma lizolile, noma kukhona izinkuni kulo noma lingekho. Futhi yimani isibindi niveze izithelo zomhlaba. Manje kwakuyisikhathi sezithelo zomvini ezivuthiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 13:20
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Kalokhu, ndodana yami, uJehova makabe nawe, ube nempumelelo, wakhe indlu kaJehova uNkulunkulu wakho njengokukhuluma kwakhe kuwe.


Bathatha imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo, badla izindlu ezigcwele okuhle konke: imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi eminingi yokudliwa; badla-ke, basutha, bakhuluphala, benama ngobuhle bakho obukhulu.


Abakukhonzanga embusweni wabo, nasebuhleni bakho obukhulu owabanika bona, nasezweni elibanzi nelivundileyo owabapha lona ebusweni babo, ababuyanga emisebenzini yabo emibi.


Ngiyakuzalusela emadlelweni amahle, isibaya sazo sibe sezintabeni zempakama yakwa-Israyeli; ziyakubuthisa khona esibayeni esihle, ziklabe emadlelweni aluhlaza ezintabeni zakwa-Israyeli.


Ngesikhathi sokuthula uyakusukela izindawo ezinonileyo zesifunda, akwenze okungenziwanga ngoyise nangoyisemkhulu: uyakuhlakaza phakathi kwabo impango, nengcugco, nempahla, acebe amacebo ngezinqaba kube yisikhathi.


Maye kimi! Ngokuba nginjengokuvunwa kwezithelo zasehlobo, njengokukhothozwa komvini; akukho hlukuzo lokudliwa; umphefumulo wami uyafisa ikhiwane eliyingqalabutho.


nokuthi izwe abakhe kulo linjani, noma lihle noma libi, nokuthi imizi abahlala kuyo injani, noma ngamakamu* noma yizinqaba,


Wona ayesephenduka, akhuphukela entabeni, afika esiGodini sase-Eshikoli, asihlola.


Athatha ngezandla zawo ezithelweni zezwe, azehlisela kithi, asibuyisela izwi, athi: ‘Yizwe elihle uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.’


Wamyala uJoshuwa indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba wena uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engalifungela bona; mina ngiyakuba nawe.”


ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”


“Qina, ume isibindi, ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.


Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”


UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.


Inkosi yaseJeriko yathumela kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba ezile ukuzohlola izwe lonke.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka