Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 13:20 - IsiZulu 2020

20 nokuthi izwe linjani, livundile noma limpofu, linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe.” Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 nokuthi izwe linjani, noma livundile noma limpofu, noma linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe.” Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 nokuthi izwe linjani, noma livundile noma lizolile, noma kukhona izinkuni kulo noma lingekho. Futhi yimani isibindi niveze izithelo zomhlaba. Manje kwakuyisikhathi sezithelo zomvini ezivuthiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 13:20
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Manje-ke, ndodana yami, uSimakade makabe nawe, ube nempumelelo, umakhele indlu kaSimakade uNkulunkulu wakho njengolokhu akhuluma kuwe.


Banqoba imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo; badla izindlu ezigcwele yonke into enhle, imithombo embiweyo, izivini, amasimu emikhiwane nezithelo eziningi ezidliwayo. Badla, basutha, banonophala, bawuthokozela umusa wakho omkhulu.


Ngisho embusweni wabo, ebuhleni obukhulu obenzele bona, nasezweni elibanzi nelivundileyo obanike lona, abazange bakukhonze, abaphendukanga emisebenzini yabo emibi.


Ngiyakuzelusela emadlelweni amahle; amadlelo azo ayakuba sezintabeni eziphakemeyo kwa-Israyeli. Ziyakubuthisa emadlelweni amahle, ziklabe emadlelweni aluhlaza ezintabeni kwa-Israyeli.


Ngesikhathi sokuthula uyakusukela izindawo ezinothileyo zesifunda, akwenze okungenziwanga ngoyise nangoyisemkhulu: uyakuhlakaza phakathi kwabo impango, nengcugco, nempahla, acebe amacebo ngezinqaba kube yisikhashana.


Maye kimi! Ngokuba sengifana nokuvunwa kwezithelo zasehlobo, nanjengokukhothozwa komvini, akukho hlukuzo lamagilebhisi elingadliwa, iphango lami linxanela amakhiwane okuqala.


nokuthi izwe abakhe kulo linjani; ngabe lihle noma libi, nokuthi imizi abahlala kuyo injani, iyizinkambu noma iyizinqaba,


Wona ahamba, akhuphukela kwelezintaba, afika esigodini i-Eshikholi, asihlola.


Akha izithelo zalelo lizwe, asiphathela zona, nezwi elithi: ‘Yizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wethu asinika lona.’


Wamgunyaza uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba nguwe ozongenisa abantu bakwa-Israyeli ezweni engafunga ngalo kubo; Mina ngizokuba nawe.”


ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?”


Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.


Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.


Inkosi yaseJerikho yayisithumela umyalezo kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikele kwakho, angena endlini yakho, ngokuba eze ukuzohlola lonke izwe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka