Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNahume 2:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Phangani isiliva! Phangani igolide! Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyo nokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Phangani isiliva! Phangani igolide! Ngokuba akupheli okubekiweyo ngobuningi, nakho konke okuyigugu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Thathani impango yesiliva, lithathe impango yegolide, ngoba akupheli ukuqoqwa kanye lenkazimulo yayo yonke impahla ethandekayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNahume 2:9
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ekuqaleni komnyaka inkosi uNebukadinesari yathumela yamletha eBabele kanye nezitsha ezinxanelekayo zendlu kaJehova, yabeka uSedekiya, umfowabo, inkosi kwaJuda naseJerusalema.


Wo kuwena ochithayo, kungachithwanga wena, nakuwe okhohlisayo, kungakhohliswanga wena! Lapho uqede ukuchitha uyakuchithwa, nalapho usugcine ukukhohlisa, uyakukhohliswa nawe.


Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi, nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.


Hhewulani nina belusi, nikhale, nihuquzele emlotheni nina zikhulu zomhlambi, ngokuba seziphelele izinsuku zenu zokuba nihlatshwe, nginihlakaze, niwe njengesitsha esihle.


Ngikuboneleni na? Baphelile amandla, babuyele emuva. Amaqhawe abo anqotshiwe, ayabaleka nokubaleka engabheki emuva; luvalo nxazonke,” usho uJehova.


ngokuba umchithi uyalehlela, alehlele iBabele, amaqhawe alo ayabanjwa, neminsalo yawo iyaphulwa, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wemivuzo, uyakhokha nokukhokha.


Bayakuphanga imfuyo yakho, bagcugce impahla yakho ethengiswayo, babhidlize izingange zakho, badilize izindlu zakho ezinhle, babeke amatshe akho nemithi yakho nesihlabathi sakho phakathi kwamanzi.


Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.


Izikhulu zakho zinjengezinkumbi, nezinduna zakho zinjengamaqulo esikhonyane esihlezi phakathi kwezingange ngosuku olumakhaza, kepha lapho liphuma ilanga, sindize simuke, ingabe isaziwa indawo yaso ukuthi iphi.


impahla yegolide neyesiliva, namatshe anenani, namaparele*, nelineni elicolekileyo, nokububende, nosilika, nokubomvu, kanye nemithi yonke enamakha, nezitsha zonke zamazinyo endlovu, nezitsha zonke zomuthi onenani elikhulu, nezethusi, nezensimbi, nezetshe elimhlophe,


bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu owawembethe ilineni elicolekileyo, nokububende, nokubomvu, uvunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele!*


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka