Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNahume 2:9 - IsiZulu 2020

9 Phangani isiliva! Phangani igolide! Ngokuba akupheli okubekiweyo ngobuningi, nakho konke okuyigugu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Phangani isiliva! Phangani igolide! Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyo nokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Thathani impango yesiliva, lithathe impango yegolide, ngoba akupheli ukuqoqwa kanye lenkazimulo yayo yonke impahla ethandekayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNahume 2:9
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ekuqaleni konyaka inkosi uNebukhadinezari yathumela ukuba kulethwe inkosi eBhabhele, nezitsha ezinhle zendlu kaSimakade. Yabe isibeka uZedekiya, umfowabo, ukuba abe yinkosi kwaJuda naseJerusalema.


Maye, kuwe mbhubhisi ongakaze wena ubhujiswe, nakuwe mkhohlisi ongakaze yena akhohliswe! Uma nje sewuqedile ukubhubhisa, nawe uzobhujiswa; nalapho uyeke nje ukukhohlisa, nawe abantu bazokukhohlisa.


Impango yakho iyobuthwa njengalapho kubuthwa isikhonyane, nanjengesikhonyane sitheleka phezu kwayo.


Hhewulani, nina belusi, nikhihle isililo, nizibhuqabhuqe emlotheni nina zikhulu zomhlambi, ngokuba sezifikile izinsuku zokuhlatshwa nokuhlakazwa kwenu, nizakuwa njengesitsha esihle.


Kepha ngiboneni na? Bayathuthumela, babuyela emuva. Amaqhawe abo ayakunqotshwa, ayabaleka nokubaleka, awasabheki emuva; kukhona ukwesaba nxazonke,” kusho uSimakade.


Ngokuba umbhubhisi uselithelekele, uhlasele iBhabhele, kuthunjwa amabutho alo, neminsalo yawo iyaphoqozwa, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu wemivuzo, uphindisela ngokupheleleyo.


Bayakuwuphanga umcebo wakho, bayithathe njengempango impahla yakho ohweba ngayo. Bayakuzibhidliza izingange zakho, badilize izindlu zakho ezinhle, balahle amatshe akho, imithi yakho, nemfucuza yakho emanzini.


Nonkulunkulu babo nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibhithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.


Abalindi bakho banjengokhumbintethe, nezikhulu zakho zifana nequlu lesikhonyane sihlezi odongeni ngosuku lwamakhaza, kuthi lapho kuphuma ilanga sindize, singabe sisaziwa ukuthi sikuyiphi indawo.


impahla yegolide, eyesiliva, eyamatshe ayigugu, amapharele, ilineni elicolekileyo, okubukhwebezane, usilika, okubomvu, imithi yonke enamakha, zonke izitsha zamazinyo endlovu, izitsha zonke zomuthi onenani elikhulu, ezethusi, ezensimbi, ezetshe elimhlophe,


bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu owawembethe ilineni elicolekileyo, okubukhwebezane, nokubomvu, uvunule ngegolide, ngamatshe ayigugu nangamapharele!


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka