UMikha 4:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE7 ngenze abaqhugayo babe yinsali, abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla; uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni kusukela manje kuze kube phakade. Uka jalj uñjjattʼätaIsiZulu 20207 Ngiyakwenza abaqhugayo babe yinsali, nabayiswe emajukujukwini babe yisizwe esinamandla. USimakade uyakubabusa entabeni iZiyoni, kusukela manje kuze kube phakade. Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 20247 Ngiyakwenza abaphukileyo babe yinsali, nabakude babe yisizwe esinamandla; uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni kusukela manje kuze kube phakade. Uka jalj uñjjattʼäta |
Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, lokhu kuyindawo yesihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade; indlu yakwa-Israyeli ayisayikulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo,