Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 4:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Ngalolo suku,” usho uJehova, “ngiyakubutha abaqhugayo, ngiqoqe abaxoshiweyo nengenze okubi kubo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 USimakade uthi: “Ngalolo lusuku ngiyakuqoqa abaqhugayo, ngibahlanganise ndawonye abadingisiwe nengibajezisile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngalolo suku,” usho uJehova, “ngiyobutha abathuleyo, ngibuthe abaxoshiweyo nalabo engibacindezele;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 4:6
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova uyalakha iJerusalema; abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.


Ngokuba ngiseduze kokuwa, nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.


INkosi uJehova ebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi: “Ngisezakubuthela kuye nabanye ngaphandle kwabase bebuthiwe.”


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.


Bheka, ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho, ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba, okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga, abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye, babuyele lapha beyibandla elikhulu.


“ ‘Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini.


“Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho; ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli; ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira, njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo, kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.


Bhekani, ngaleso sikhathi ngiyakuphatha bonke abakuhluphayo, ngisindise abaqhugayo, ngibuthe abaxoshiweyo, ngibenze indumiso negama abahlazo labo lalisemhlabeni wonke.


Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.”


Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka