Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoweli 2:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu, nowenza izwi lakhe unamandla; yebo, usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongaluthwala na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 USimakade ulikhiphile izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba amabutho akhe maningi kakhulu, impela owenza izwi lakhe unamandla. Nokho usuku lukaSimakade lukhulu, futhi luyesabeka ngokwedlulele. Pho ngubani ongalumela na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJehova uyakuphakamisa izwi lakhe phambi kwebutho lakhe, ngokuba ikamu lakhe likhulu kakhulu, ngokuba unamandla owenza izwi lakhe; ngoba usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongakuthwala na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoweli 2:11
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula, nemibani eminingi, wabadidizelisa.


Izizwe ziyaxokozela; imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike.


Wena wenyukela phezulu, wathumba izithunjwa, wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona.


Umsindo wesixuku ezintabeni kungathi ngowabantu abaningi! Umsindo wokuxokozela kwemibuso yabezizwe ihlangene! UJehova Sebawoti uyabutha impi yakhe.


UJehova uyaphuma njengeqhawe; njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe; uyakhala, yebo, uyabangalasa, enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe.


Kuyakuthi ngalolo suku uJehova ahlabele ikhwelo izimpukane ezingasekugcineni kwemifula yaseGibithe nezinyosi ezisezweni lase-Asiriya.


“Manje, profetha kubo onke lawa mazwi, uthi kubo: “ ‘UJehova uyakuduma ephezulu, aliphumise izwi lakhe esendaweni yakhe engcwele; uyakuduma nokuduma phezu kwekhaya lakhe, amemeze njengabanyathela iwayini kubo bonke abakhileyo emhlabeni.


Maye, lukhulu lolo suku, alukho olunjengalo! Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe, kepha uyakusindiswa kukho.


Kepha umkhululi wabo unamandla, nguJehova Sebawoti igama lakhe; uyakumela nokumela indaba yabo ukuba aphumuze umhlaba, anyakazise abakhileyo eBabele.


Inhliziyo yakho iyakuma yini, izandla zakho ziqine ezinsukwini engiyakuphathana nawe ngazo, na? Mina Jehova ngikukhulumile, ngiyakukwenza.


Hawu lolo suku! Ngokuba usuku lukaJehova lusondele, lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.


Ngokuba kwenyukele ezweni lami isizwe esinamandla nesingenakubalwa; amazinyo aso angamazinyo engonyama, namazinyo aso emihlathi angawengonyamakazi.


Bethani icilongo eSiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhe ezweni, ngokuba luyeza usuku lukaJehova, ngokuba lusondele;


usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.


“Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane, nezinkumbi, nenkasa, nesibotho, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.


Yizixuku ngezixuku esigodini sokwahlulela, ngokuba usuku lukaJehova lusondele esigodini sokwahlulela.


UJehova uyaduma eseSiyoni, ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; izulu nomhlaba kuyazamazama, kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.


Wathi: “UJehova uyaduma eseSiyoni, ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo saseKarmeli siyakubuna.”


Wo kinina enifisa usuku lukaJehova! Luyakunisizani usuku lukaJehova? Lungubumnyama, alusikho ukukhanya.


Lungubumyama usuku lukaJehova, alusikho ukukhanya, nesigayegaye okungekho kuso ukukhazimula.


“Ngokuba usuku lukaJehova lusondele ezizweni zonke; njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe; izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.


Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na? Ngokuba sinjengomlilo wocwengisisayo nensipho yomhlanzi.


Wathatha isisho sakhe, wathi: “Maye, ngubani oyakuphila, lapho uNkulunkulu ekwenza lokhu, na?


ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala,


Ngakho kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo, ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.


ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile; ngubani-ke onamandla okuma na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka