Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoweli 2:11 - IsiZulu 2020

11 USimakade ulikhiphile izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba amabutho akhe maningi kakhulu, impela owenza izwi lakhe unamandla. Nokho usuku lukaSimakade lukhulu, futhi luyesabeka ngokwedlulele. Pho ngubani ongalumela na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu, nowenza izwi lakhe unamandla; yebo, usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongaluthwala na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJehova uyakuphakamisa izwi lakhe phambi kwebutho lakhe, ngokuba ikamu lakhe likhulu kakhulu, ngokuba unamandla owenza izwi lakhe; ngoba usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongakuthwala na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoweli 2:11
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uciba ngemicibisholo yakhe, izitha zihlakazeke; umbani ulokhu uthi nyazi, uzidudulela kude.


Izizwe ziyaxokozela, imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike.


Wena wenyukele phezulu, wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho, nakulabo abebehlubukile, ukuze uSimakade uNkulunkulu ahlale khona.


Yizwani umsindo ezintabeni, inhlokomo kungathi ngeyabantu abaningi! Yizwani ukuxokozela kwemibuso yabezizwe ihlangana ndawonye! USimakade Wamabandla uqoqa impi yakhe.


USimakade uyakuphuma njengeqhawe, njengendoda yempi, uyakuvusa ukushisekela kwakhe, uyakumemeza ngezwi lokunqoba, akhuze isiqubulo sempi aziqonele izitha zakhe.


Ngalolo lusuku uSimakade uyohlaba umkhosi ngekhwela kusabele izimpukane ezingasekugcineni kwemifudlana eGibhithe, nezinyosi e-Asiriya.


“Manje wena, phrofetha kubo wonke lawa mazwi, uthi: “ ‘USimakade uyaduma kweliphezulu, uzwakalisa izwi lakhe esendaweni yakhe engcwele. Uyakuduma ngamandla phezu kwekhaya lakhe, amemeze njengabanyathela amagilebhisi kubo bonke abakhileyo emhlabeni.


Maye, lukhulu lolo lusuku, alukho olunjengalo! Lesi yisikhathi sokuhlupheka kuJakobe, kodwa uzosindiswa kukho.


Kepha umkhululi wabo unamandla, nguSimakade Wamabandla igama lakhe; uyakuyimela nokuyimela indaba yabo, ukuba aphumuze umhlaba, kodwa bangabi nakuthula abakhileyo eBhabhele.


Uyakuba naso yini isibindi, nezandla zakho ziyakuqina yini ngezinsuku engiyakubhekana ngazo nawe na? Mina Simakade ngikhulumile, futhi ngiyakukwenza lokho.


Maye ngalolo lusuku! Ngokuba usuku lukaSimakade lusondele. Luyakufika luyimbubhiso evela kuSomandla.


Ngokuba isizwe esinamandla nesingenakubalwa sikhuphukele ezweni lami, amazinyo aso ngamazinyo ebhubesi, namazinyo aso emihlathi angawebhubesi lensikazi.


Bethani uphondo eZiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele, mazithuthumele zonke izakhamuzi ezweni, ngokuba luyeza usuku lukaSimakade, impela selusondele.


Usuku lobumnyama nesigayegaye, usuku lwamafu nobumnyama obukhulu, njengentathakusa yendlaleka ezintabeni, kunjalo nokuza kwezinkumbi zabantu abanamandla abangakaze babekhona kwasemandulo, nabangasoze babakhona abanjalo emva kwabo kuze kube yiminyaka yezizukulwane ngezizukulwane.


“Ngiyakunibuyisela iminyaka okwadla ngayo isikhonyane, amaqhwagi, isibotho nenkasa, impi yami enkulu engayithumela kini.


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaSimakade.


Yizindimbane ngezindimbane esigodini sesinqumo, ngokuba usuku lukaSimakade selusondele esigodini sesinqumo.


“USimakade uyabhodla eseZiyoni, azwakalise izwi lakhe eseJerusalema. Izulu nomhlaba kuyakuzamazama, kodwa uSimakade uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantu bakwa-Israyeli.


Wathi: “USimakade uyabhonga eZiyoni, azwakalise izwi lakhe eJerusalema. Amadlelo abelusi ayagagadeka, nesicongo seKharmeli siyabuna.”


Maye kini enifisa usuku lukaSimakade! Kungani nilangazelela usuku lukaSimakade na? Usuku lukaSimakade lungubumnyama, hhayi ukukhanya.


Ngabe usuku lukaSimakade lungubumnyama, hhayi ukukhanya, luyisigayegaye esingenakho ukukhanya na?


Ngokuba usuku lukaSimakade selusondele kuzo zonke izizwe; njengoba wena wenze kanjalo kuyakwenziwa kanjalo nakuwe. Izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.


Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


“Ngubani ongamela usuku lokufika kwaso na? Ngubani oyakuma lapho sibonakala na? Ngokuba sinjengomlilo womcwengi nanjengensipho yomhlanzi.


UBhileyamu wethula umbiko wakhe, wathi: “Maye, ngubani oyakuphila lapho uNkulunkulu enza lokhu na?


ngokuba iNkosi uqobo iyakukwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu; abafileyo kuKhristu bayakuvuka kuqala.


“Ngakho-ke kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo: ukufa, ukulila, nendlala, futhi liyakushiswa ngomlilo lingqongqe, ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.


ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufike qathatha; ngubani onamandla okuma na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka