Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoweli 1:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yizwani lokhu nina badala, nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni. Kwake kwaba khona emihleni yenu noma emihleni yawobaba na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Yizwani lokhu nina malunga, nibeke indlebe nonke nina zakhamuzi zezwe. Kwake kwenzeka yini lokhu emihleni yenu noma ezinsukwini zokhokho benu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yizwani lokhu nina maxhegu, nilalele nina nonke enakhileyo ezweni. Kwakukhona emihleni yenu nasemihleni yawoyihlo na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoweli 1:2
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ezimpungeni kukhona ukuhlakanipha, nasebudeni bezinsuku ukuqonda.


Kithina kukhona izimpunga namakhehla amadala kunoyihlo.


Ababi baphilelani, baze babe badala, yebo, bakhule emandleni, na?


Ake ubuze ezizukulwaneni zakuqala, uzibhekise lokho abakuphenyileyo oyise bazo,


Yizwani lokhu nonke nina bantu; bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni,


Sondelani nina zizwe, nizwe, nilalele nina bantu: makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo, nezwe nakho konke okuvela kulo.


UJehova uyakuletha phezu kwakho, naphezu kwabantu bakho, naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingafikanga kusukela osukwini u-Efrayimi asuka ngalo kwaJuda – yinkosi yase-Asiriya.”


Maye, lukhulu lolo suku, alukho olunjengalo! Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe, kepha uyakusindiswa kukho.


Yizwani lokhu nina bantu eniyiziwula neningenakuqonda, eninamehlo, ningaboni kodwa, eninezindlebe, ningezwa kodwa.


“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.


Yizwani izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, lokhu kungekho qiniso, namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.


“Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwahlulela kukinina, lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.


Ngcwelisani ukuzila ukudla, nibize umhlangano; buthani amalunga, yebo, bonke abakhe ezweni, endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova.


usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.


Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:


Yizwani leli zwi, nina zinkomo zaseBashani enisentabeni yaseSamariya, enicindezela abaphansi, enichoboza abampofu, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Zwanini leli zwi engiliphakamisa phezu kwenu libe yisililo ngendlu ka-Israyeli.


Zwanini, bantu bonke, uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho, iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.


Ngathi: “Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe, nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli ukuthi: Akusikho okwenu ukwazi ukulunga


Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli eninengwa ngukwahlulelwa, nihlanekezela konke ukulunga,


Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona.


“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi* likaNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka