Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoweli 1:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yizwani lokhu nina maxhegu, nilalele nina nonke enakhileyo ezweni. Kwakukhona emihleni yenu nasemihleni yawoyihlo na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yizwani lokhu nina badala, nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni. Kwake kwaba khona emihleni yenu noma emihleni yawobaba na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Yizwani lokhu nina malunga, nibeke indlebe nonke nina zakhamuzi zezwe. Kwake kwenzeka yini lokhu emihleni yenu noma ezinsukwini zokhokho benu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoweli 1:2
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwabadala kukhona ukuhlakanipha; nangobude bezinsuku ukuqonda.


Kithi kukhona izimpunga namaxhegu, amadala kunoyihlo.


Kungani ababi bephila, baguge, yebo, benamandla na?


Ngokuba bheka ekhulwini elidlule, uzilungiselele ukuhlolwa koyise.


Kumholi wokuhlabelela, ihubo lamadodana kaKora. Yizwani lokhu nina zizwe zonke! lalelani nina nonke enakhileyo emhlabeni!


Sondelani nina zizwe, nizwe; nilalele nina zizwe! umhlaba mawuzwe nakho konke okukuwo; umhlaba nakho konke okuvela kuwo.


UJehova uyakwehlisela phezu kwakho nakubantu bakho naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingazange zibe khona kusukela osukwini u-Efrayimi asuka ngalo kwaJuda; inkosi yase-Asiriya.


awu! ngoba lolo suku lukhulu, kangangokuthi alukho olunjengalo; kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe; kodwa uyakukhululwa kuyo.


Yizwani lokhu manje nina bantu abayiziwula eningenakuqonda; abanamehlo kodwa ababoni; abanezindlebe, bangezwa;


“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyasukuma, isikhulu esikhulu esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba khona isikhathi sosizi esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; futhi ngaleso sikhathi abantu bakho bayosindiswa, bonke abayolotshwa encwadini.


Zwanini izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, ngokuba akukho qiniso, akukho umusa, akukho kwazi uNkulunkulu ezweni.


Yizwani lokhu, nina bapristi! lalelani nina ndlu ka-Israyeli! lalelani nina ndlu yenkosi! ngoba ukwahlulela kuyeza phezu kwenu, ngoba benilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.


Ngcwelisani usuku lokuzila ukudla, nibize umbuthano onesizotha, nibuthe amalunga nabo bonke abakhileyo ezweni endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova,


usuku lobumnyama nolobumnyama, usuku lwamafu nesigayegaye, njengokusa kwekweba phezu kwezintaba, abantu abakhulu nabanamandla; akukaze kube khona into enjalo, futhi ayisayikuba khona kuze kube yiminyaka yezizukulwane eziningi.


Zwanini leli zwi uJehova alikhulumayo ngani, bantwana bakwa-Israyeli, ngaso sonke isizukulwane engasikhipha ezweni laseGibithe, ethi:


Zwanini leli zwi, zinkomo zaseBashani, eniphezu kwentaba yaseSamariya, enicindezela abampofu, nichoboza abampofu, enithi emakhosini abo: Lethani, siphuze!


Zwanini lelilizwi engiliphakamisa phezu kwenu, isililo, lina ndlu kaIsrayeli.


Lalelani, zizwe zonke; lalela, mhlaba nakho konke okukuwo, iNkosi uJehova mayibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.


Ngasengisithi: Zwanini-ke, lina zinhloko zikaJakobe, lina babusi bendlu kaIsrayeli. Akukhona yini okwenu ukwazi ukwahlulela?


Yizwani lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nababusi bendlu ka-Israyeli eninengwa yikulunga, niphendukezela konke ukulunga.


Olendlebe zokuzwa makezwe.


Ngokuba ngaleso sikhathi kuyakuba-khona usizi olukhulu, olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, nolungasayikuba khona.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka