Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 3:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Nokho kuyakuba khona ibanga phakathi kwenu nawo, lingangezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngokulinganisa, ningasondeli kuwo, ukuba nazi indlela eniyakuhamba ngayo, ngokuba anidlulanga ngale ndlela phambili.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 ukuze niyazi indlela enimele ukuhamba ngayo, ngokuba anikaze nidlule kule ndawo ngaphambilini, nokho kufanele kube nesikhala phakathi kwenu nawo, ibanga elingaba yizi-2 000 zamakhubhithi; ningasondeli neze eduze kwawo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Nokho kuyakuba khona isikhala phakathi kwakho naye, okungaba izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngesilinganiso; ningasondeli kuyo, ukuze nazi indlela eniyakuhamba ngayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 3:4
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wabona ubuso bukaLabani; bheka, babungasenjengayizolo nakuthangi kuye.


Nangesikhathi esidlulileyo uSawule eseyinkosi, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova uNkulunkulu wakho wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wabantu bami u-Israyeli.’ ”


Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na? Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele; umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.


Wena-ke wobamisela abantu umkhawulo nxazonke, uthi: ‘Xwayani ukuba ningakhuphukeli entabeni, ningathinti umkhawulo wayo. Lowo othinta intaba uyakubulawa impela;


Wathi: “Ngilapha.” Wayesethi: “Ungasondeli lapha; khumula izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele.”


UMose wayesethi kuJehova: “Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho, ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.”


Indawo yokushisela kade yahlelwa, yebo, yalungiselwa nenkosi; uyenze yajula, yaba banzi; igoqo layo lingumlilo nezinkuni eziningi, nokuphefumula kukaJehova kunjengomfula wesibabule; kuyayokhela.


Usho kanje uJehova uMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.


Zayala abantu, zathi: “Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu nabapristi bamaLevi bewuthwala, niyakusuka endaweni yenu, niwulandele.


UJoshuwa wathi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka