Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 32:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Nokho kukhona umoya kumuntu; ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Nokho kumuntu kukhona umoya, ukuphefumula kukaSomandla kunikeza ukuqonda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa kukhona umoya kumuntu, futhi ukuphefumula kukaSomandla kubanikeza ukuqonda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 32:8
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi uFaro ezincekwini zakhe: “Singamthola yini umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu, na?”


Wathi uFaro kuJosefa: “Njengokuba uNkulunkulu ekwazise wena konke lokhu, akakho oqaphelayo ohlakaniphileyo njengawe.


bheka, ngenzile njengezwi lakho: nakhu, ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda, okungazange kube khona okunjengakho ngaphambi kwakho nokungayikuvela futhi okunjengakho nangasemva kwakho.


U-Israyeli wonke wezwa leso sahlulelo esenziwe yinkosi; bayesaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakukuyo ekwahluleleni kwayo.


UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle.


Izinceku zami ziyakuyehlisa eLebanoni, ziyiyise elwandle, mina ngiyenze ibe yizihlenga ezihamba elwandle, ziye endaweni oyakungiyalela yona, zihlakazwe khona; wena wozithatha khona, ufeze engikufunayo ngokubapha abendlu yami ukudla.”


“Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda.


Kuye kukhona amandla nokusizwa; odukisiweyo nodukileyo bakuye.


kusekhona ukuphefumula kimi, nomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami,


khona uyavula izindlebe zabantu, abeke uphawu ekufundisweni kwabo,


Umoya kaNkulunkulu ungenzile, nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.


osifundisa phezu kwezilwane zomhlaba, asenze sihlakaniphe phezu kwezinyoni zezulu.’


Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu, ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na?


Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.


Umoya womuntu uyisibani sikaJehova, siphenya konke okuphakathi komuntu.


Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe, siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


UNkulunkulu wakhe uyamhlakahlisa ngendlela eyiyo, amfundise.


Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya,


Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni,


Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka