Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 32:8 - IsiZulu 2020

8 Nokho kumuntu kukhona umoya, ukuphefumula kukaSomandla kunikeza ukuqonda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Nokho kukhona umoya kumuntu; ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa kukhona umoya kumuntu, futhi ukuphefumula kukaSomandla kubanikeza ukuqonda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 32:8
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UFaro wazibuza izinceku wathi: “Singamtholaphi umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu na?”


UFaro wayesethi kuJosefa: “Njengalokhu uNkulunkulu ekwambulele konke lokhu, akekho omunye okwazi ukuhlaziya izinto nohlakaniphe njengawe.


uyabona-ke, ngenzile njengokwezwi lakho. Ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda; okungazange kube khona namunye owake wafana nawe phambilini, futhi okungayikuba bikho oyovela emva kwakho.


U-Israyeli wonke wezwa ngaleso sehlulelo esasenziwe yinkosi, wayesaba inkosi ngokuba wabona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakunayo ekwehluleleni kwayo.


UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nokuqonda okukhulu kakhulu, nengqondo esabalele okwesihlabathi esisogwini lolwandle.


Izinceku zami ziyakuyehlisa eLebhanoni, ziyiyise olwandle, mina ngiyenze ibe yizihlenga ezihamba olwandle, ziye endaweni oyakungiyalela yona, zihlakazwe lapho. Wena uyakuzithwala lapho, ufeze engikufunayo ngokuba uphe abendlu yami ukudla.”


“Ukuhlakanipha namandla kukuye, amasu nokuqonda kungokwakhe.


Amandla nokuhlakanipha okungqokolo kungokwakhe, oduka endleleni nalowo omdukisayo bangabakhe.


inqobo nje uma ngisaphefumula, nomoya kaNkulunkulu usesemakhaleni ami,


khona uyazivula izindlebe zabantu, abethuse ngezexwayiso zakhe,


UMoya kaNkulunkulu ungenzile, nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.


Thina nezilwane zomhlaba usifundisa okuningi, asenze sihlakaniphe kakhulu kunezinyoni ezindiza emkhathini.’


Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu, onika ukuqonda enhliziyweni na?


Ngokuba uSimakade uyokupha ukuhlakanipha, emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.


Isibani sikaSimakade sihlola umoya womuntu; siphenyisisa izibilini zomuntu.


Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.


UNkulunkulu wakhe uyamkhaliphisa, amfundise indlela eyiyo.


Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya.


Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, ukusola, ukuqondisa, nokuyala ekulungeni,


Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka