Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 1:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Impahla yakhe yayiyizinkomo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa ezinkomo angamakhulu ayisihlanu, nezimbongolo ezingamakhulu amahlanu, nezinceku eziningi kakhulu; kangangokuthi lo muntu wayemkhulu kunabo bonke abantu basempumalanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 1:3
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrama waphathwa kahle ngenxa yakhe; waba nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela.


U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe, noLoti indodana yomfowabo, nempahla yonke ababeyibuthile, nezinceku ababezitholile eHarana; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani.


Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye, ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye.


UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami, yaze yaba nkulu; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.


Kepha amadodana ezancinza zika-Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga.


Wayesesuka uJakobe, waya ezweni labantu basempumalanga.


izimbuzikazi ezingamakhulu amabili, nezimpongo ezingamashumi amabili, nezimvukazi ezingamakhulu amabili, nezinqama ezingamashumi amabili,


Imihlambi yabo, nempahla yabo, nezinkomo zabo akuyikuba ngokwethu na? Masibavumele kuphela, bakhe kithi.”


Ecebileyo yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu,


Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwadlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibithe.


UMenahemu wakhiphisa u-Israyeli imali, bonke abantu abacebileyo, kwaba yilowo nalowo amashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva ukuwanika inkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela emuva inkosi yase-Asiriya, ayihlalanga khona ezweni.


UMesha inkosi yakwaMowabi owayefuyile kakhulu izimvu wathela enkosini yakwa-Israyeli uboya bamawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nobezinqama eziyizinkulungwane eziyikhulu.


u-Obili wakwa-Ishmayeli wayephethe amakamela; uJehedeya umMeronoti wayephethe izimbongolo;


Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imigodi eminingi yamanzi, ngokuba wayenezinkomo eziningi ehlanzeni nasethafeni, wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayengothanda umhlabathi.


Wazenzela nemizi, nemfuyo yezimvu, nezinkomo eziningi, ngokuba uNkulunkulu wayemnike impahla eningi kakhulu.


Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke, wabusisa umsebenzi wezandla zakhe na? Impahla yakhe yandile emhlabeni.


Amadodana akhe ayehamba enza idili endlini yaleyo naleyo ngosuku lwayo; ayesethuma ebiza odadewabo abathathu ukuba badle, baphuze nawo.


Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu, liphi itende lokuhlala kwababi, na?’


Uma ngangikhethile izindlela zabo, ngangiyakuhlala emqoka, ngahlalisa okwenkosi empini, njengoduduza abalilayo.


uma ngithokozile, ngokuba imfuyo yami inkulu nangokuba isandla sami sithole okuningi;


ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami, ngisondele kuye njengesikhulu.


UJehova wambuyisa uJobe ekuhluphekeni, lapho ekhulekela abangane bakhe; wenezela kukho konke uJobe ayenakho ngokukuphinda kabili.


Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.


NgeKedari, nangemibuso yaseHasori ayinqobayo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele. Usho kanje uJehova, uthi: “Sukani, nikhuphukele eKedari, nichithe abantwana basempumalanga.


Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “E-Aramu uBalaki ungilandile, inkosi yakwaMowabi ezintabeni zasempumalanga: woza ungiqalekisele uJakobe; woza umdlelesele u-Israyeli.


Kwathi nxa abakwa-Israyeli sebelimile, abakwaMidiyani benyuka nama-Amaleki nabasempumalanga, bakhuphukela kubo,


Ngokuba benyuka nezinkomo zabo namatende abo, bafika njengesikhonyane ngobuningi; babengenakubalwa bona namakamela abo; bafika ezweni ukuba baliqede.


AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.


OZeba noSalimuna babeseKarkori, izimpi zabo zinabo kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke ababesele empini yonke yabasempumalanga, ngokuba kwakuwile abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abahloma inkemba.


Kwakukhona umuntu eMahoni onemfuyo yakhe eKarmeli; lowo muntu wayemkhulu kakhulu, wayenezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli.


UDavide walichitha izwe, akashiyanga muntu ephilile, owesilisa nowesifazane, wathatha izimvu, nezinkabi, nezimbongolo, namakamela, nezingubo, wabuya, wafika ku-Akhishi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka