Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 8:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ukufa kuyakukhethwa kunokuphila yinsali yonke esele kulowo mndeni omubi, esele ezindaweni zonke, lapho ngiyixoshele khona, usho uJehova Sebawoti.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Insali yonke eseleyo kulowo nalowo mndeni omubi, iyoqoma ukufa kunokuphila, leyo eyosala ezindaweni zonke, lapho ngiyidingisele khona,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Futhi ukufa kuyakukhethwa esikhundleni sokuphila kuyo yonke insali yalabo abasele kulesi sizukulwane esibi, abasele ezindaweni zonke lapho engibaxoshele khona,” usho uJehova Sebawoti.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 8:3
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: “Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.”


“Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande.


kepha ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owayikhuphula, wayihola inzalo yendlu ka-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ngangibaxoshele khona.’ Iyakwakha ezweni lakubo.”


Ngiyakufunyanwa yinina,” usho uJehova, “ngibuyise ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona,” usho uJehova, “nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.”


Ngokuba ngalokho uthumile kithi eBabele, wathi: Kuse kude; yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle izithelo zawo.’ ”


bonke abaJuda babuya ezindaweni zonke ababexoshelwe kuzo, bafika ezweni lakwaJuda kuGedaliya eMispa, babutha kakhulu iwayini nezithelo.


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nikubonile konke okubi engikwehlisele phezu kweJerusalema naphezu kwayo yonke imizi yakwaJuda; bhekani, namuhla iyincithakalo, akakho ohlala kuyo


Kwase kuthululwa ukufutheka kwami nentukuthelo yami, kwavutha emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, kwaba yincithakalo nokuchitheka njenganamuhla.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakuyikhothoza nokuyikhothoza insali yakwa-Israyeli njengomvini; buyisela isandla sakho emaqomeni njengobutha izithelo zomvini.”


“Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha kithina amahloni obuso njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nakwabakhileyo eJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.


Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni, ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa.


Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:


ngalokho, Jehova, ake ususe kimi ukuphila kwami, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni, eningayikukhipha kukho izintamo zenu; futhi ningahambi ngokuzidla, ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.


“Kuyakuthi lapho zonke lezi zinto sezikwehlele, isibusiso nesiqalekiso, engizibekile phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuxoshele khona,


Uma ekhona oxoshelwe nasekugcineni kwezulu, uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubutha khona, akulande khona,


base bethi ezintabeni nasemaweni: “Welani phezu kwethu, nisisithe ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu,


Ngaleyo mihla abantu bayakufuna ukufa, bangaze bakufumana; futhi bayakufisa ukufa, kepha ukufa kubabalekele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka