Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 8:3 - IsiZulu 2020

3 Insali yonke eseleyo kulowo nalowo mndeni omubi, iyoqoma ukufa kunokuphila, leyo eyosala ezindaweni zonke, lapho ngiyidingisele khona,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ukufa kuyakukhethwa kunokuphila yinsali yonke esele kulowo mndeni omubi, esele ezindaweni zonke, lapho ngiyixoshele khona, usho uJehova Sebawoti.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Futhi ukufa kuyakukhethwa esikhundleni sokuphila kuyo yonke insali yalabo abasele kulesi sizukulwane esibi, abasele ezindaweni zonke lapho engibaxoshele khona,” usho uJehova Sebawoti.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 8:3
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yena wahamba uhambo losuku ehlane, waze wayohlala phansi kwesihlahla sonwele. Enhliziyweni yakhe wafisa ukufa, wathi: “Sekwanele manje, Simakade! Sale usuwuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunokhokho bami.”


“Mina, ngiyakuyiqoqa insali yezimvu zami emazweni wonke, lapho ngangiyixoshele khona, ngiyibuyisele emadlelweni ayo; iyakuchuma, yande.


kodwa bayothi: ‘Ngifunga uSimakade, owakhuphula, wabahola abozalo lwendlu ka-Israyeli enyakatho nasemazweni wonke, lapho ngangibaxoshele khona.’ Bayakuhlala ezweni lakubo.”


Ngiyakufunyanwa yinina,” kusho uSimakade, “ngiyakukuqeda ukuthunjwa kwenu, nginiqoqe kuzo zonke izizwe nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, nginibuyisele endaweni enganisusa kuyo nganiyisa ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


Ngokuba yena uthumele kithi siseBhabhele, wathi: kuyoba isikhathi eside; yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle izithelo zawo.’ ”


bonke abaJuda babuya kuzo zonke izindawo ababexoshelwe kuzo, babuyela ezweni lakwaJuda, kuGedaliya eMizpha, bazibuthela iwayini nezithelo, okuningi kakhulu.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: niyibonile yonke inhlekelele engiyehlisele iJerusalema nemizi yonke yakwaJuda. Bhekani, namuhla iyincithakalo, akusekho muntu ohlala kuyo,


Ngase ngithulula intukuthelo nolaka lwami, kwavutha emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, kwaphenduka incithakalo nembumbiso njengoba kunjalo nanamuhla.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Insali yakwa-Israyeli bayakuyikhothoza nokuyikhothoza njengomvini. Njengovuna amagilebhisi, yedlulisa isandla sakho phezu kwamagatsha.”


“Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha thina sinamahloni njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nezakhamuzi zaseJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.


Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi.


Yizwani leli lizwi uSimakade alikhulume ngani bantu bakwa-Israyeli, nangawo wonke umndeni awukhipha eGibhithe, uthi:


Manje Simakade, ngiyakucela ukuba ungibulale ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Niyabona-ke, lo mndeni ngiwuhlelela inhlekelele, eningayukukhipha izintamo zenu kuyo, futhi aniyukuhamba ngokuziqhayisa, ngokuba kuyakuba yisikhathi esibi.


“Kuyothi lapho zonke lezi zinto, izibusiso neziqalekiso engizibeke phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayokudingisela khona,


Uma ekhona oxoshelwe nasekugcineni kwezulu, uSimakade uNkulunkulu wakho uyakukuqoqa, akulande lapho.


base bethi ezintabeni nasemaweni: “Welani phezu kwethu, nisifihle ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, nasolakeni lweWundlu,


Ngaleyo mihla abantu bayakukufuna ukufa, kodwa bangakufumani; futhi bayakukufisa ukufa, kepha ukufa kubabalekele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka