Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 4:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Naye u-Abela waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo. UJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 U-Abela naye waletha amazibulo emfuyo yakhe, wanikela ngezitho zawo ezinonileyo. USimakade wamnaka u-Abela nomnikelo wakhe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 U-Abela naye waletha amanye amazibulo ezimvu zakhe namanoni awo. UJehova wamnaka u-Abela nomhlatshelo wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 4:4
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ngokushona kwelanga kwaba mnyama, bheka, nanto iziko elithunqayo, nelangabi lomlilo ladabula phakathi kwalezo zinxenye.


Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi.


Libizeni igama likankulunkulu wenu, mina ngibize igama likaJehova; bese kuthi uNkulunkulu ophendula ngomlilo abe nguye onguNkulunkulu.” Bonke abantu bathi: “Lihle leli zwi.”


Wawusuwehla umlilo kaJehova, wawuqeda umnikelo wokushiswa, nezinkuni, namatshe, nothuli, wakhotha amanzi asemseleni.


UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wambiza uJehova; wamphendula esezulwini ngomlilo e-altare lomnikelo wokushiswa.


USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.


Makakhumbule yonke iminikelo yakho yokudliwa, awamukele umnikelo wakho wokushiswa. Sela*


wodlulisela kuJehova konke okuvula isizalo nawo onke amazibulo ezinkomo onawo; amaduna onke azakuba ngakaJehova.


Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,


Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso.


UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuJehova: “Unganaki umnikelo wabo; angithathanga nayinye imbongolo kubo, futhi angilimazanga namunye kubo.”


Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.


“Konke okuhle kwamanoni nakho konke okuhle kwewayini nokwamabele, ulibo lwalokho abanikela ngakho kuJehova ngikunikile khona.


“Kepha izibulo lenkomo, noma izibulo lemvu, noma izibulo lembuzi, awuyikulihlenga, lingcwele; uyakufafaza i-altare ngegazi lazo, ushise amanoni azo abe ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.


Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile.


Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.


Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga esesandleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo; kwenyuka umlilo edwaleni, wadla waqeda inyama namaqebelengwane angenamvubelo; ingelosi kaJehova yayisimuka emehlweni akhe.


USamuweli wathi: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka