Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 4:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 U-Abela naye waletha amanye amazibulo ezimvu zakhe namanoni awo. UJehova wamnaka u-Abela nomhlatshelo wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Naye u-Abela waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo. UJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 U-Abela naye waletha amazibulo emfuyo yakhe, wanikela ngezitho zawo ezinonileyo. USimakade wamnaka u-Abela nomnikelo wakhe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 4:4
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Futhi kwenzeka ukuthi, lapho ilanga selishonile futhi kuba mnyama, kwakukhona isithando somlilo esivuthayo nesibani esivuthayo sidlula phakathi kwalezo zicucu.


Kwathi ngokuhamba kwesikhathi uKayini waletha umnikelo eNkosini evela ezithelweni zomhlabathi.


Nibize igama lawonkulunkulu benu, mina ngibize igama likaJehova; futhi uNkulunkulu ophendula ngomlilo, makabe uNkulunkulu. Baphendula bonke abantu, bathi: “Kukhulunywe kahle.”


Khona-ke umlilo kaJehova wehla waqeda umnikelo wokushiswa nezinkuni namatshe nothuli wakhotha namanzi ayesemseleni.


UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa neyokubonga, wakhuleka kuJehova; wamphendula ngomlilo ovela ezulwini phezu kwe-altare lomnikelo wokushiswa.


USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nezisulu; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.


Khumbula yonke iminikelo yakho, wamukele umnikelo wakho wokushiswa; Sela.


uyakuhlukanisela uJehova konke okuvula isizalo, nawo onke amazibulo ezilwane onazo; abesilisa bayakuba ngabakaJehova.


Dumisa uJehova ngempahla yakho nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.


Ngabuye ngabona wonke umsebenzi onzima nawo wonke umsebenzi omuhle, ukuthi ngenxa yalokho umuntu uba nomhawu ngomakhelwane wakhe. Kuyize nokufuna umoya.


Kwaphuma umlilo phambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; kwathi bonke abantu bekubona, bakhala, bawa ngobuso.


UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuJehova: “Ungawunaki umhlatshelo wabo;


Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha.


Konke okuhle kwamafutha nakho konke okuhle kakhulu kwewayini nokolweni, ulibo lwalokho abayakunikela ngakho kuJehova, ngikunike kona.


Kepha izibulo lenkomo noma izibulo lemvu noma izibulo lembuzi awuyikulihlenga; bangcwele; ufafaze igazi lazo e-altare, ushise amanoni azo, abe ngumnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe;


Ngomthetho cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi; futhi ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.


Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.


Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga eyayisesandleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo; kwakhuphuka umlilo edwaleni, wadla inyama namaqebelengwane angenamvubelo. Ingelosi kaJehova yasuka ebusweni bakhe.


USamuweli wasesithi: I Nkosi iyayithokozela yini iminikelo yokutshiswa lemihlatshelo ukwedlula ukulalela ilizwi le Nkosi? Bheka, ukulalela kungcono kunomhlatshelo, nokulalela kungcono kunamanoni ezinqama.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka