Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 23:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 USara wafela eKiriyati Araba okuyiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Wafela emzini waseKhiriyathi Arbha, okusho ukuthi eHebhroni eKhanani. U-Abhrahama wangena, walila ngoSara.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 23:2
36 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini* aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.


Ukuhamba kukaSara kwaba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili nesikhombisa; yileyo iminyaka yokuhamba kukaSara.


Emva kwalokho u-Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wasensimini yaseMakaphela phambi kweMamre okuyiHebroni ezweni laseKhanani.


U-Isaka wamngenisa etendeni likanina uSara, wamthatha uRebeka, wabangumkakhe; wamthanda; u-Isaka wayeseduduzeka emva kokufa kukanina.


U-Esawu wayesemzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngiyakumbulala umfowethu uJakobe.”


UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre ngaseKiriyati Araba, okuyiHebroni, lapho o-Abrahama no-Isaka kade bebegogobele khona.


Wayesethi kuye: “Hamba-ke, ubone ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi, uze ungibuyisele izwi.” Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, waze wafika eShekemi.


UJosefa wawa ebusweni bukayise, wakhala phezu kwakhe, wamanga.


Baya, bafika eGoreni Hathadi elingaphesheya kweJordani; lapho bakhala nokukhala impela, okunzima kakhulu; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa.


Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule, noJonathani indodana yakhe, nabantu bakaJehova, nendlu ka-Israyeli, ngokuba bebewile ngenkemba.


UDavide walila ngalesi sililo ngoSawule noJonathani indodana yakhe,


Isikhathi uDavide eyinkosi ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.


Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.


EHebroni wabusa kwaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu kwa-Israyeli wonke nakwaJuda.


Banika amadodana ka-Aroni imizi yokuphephela, iHebroni neLibina namadlelo awo, neJatiri, ne-Eshitemowa namadlelo awo,


Naye uJeremiya wamlilela uJosiya; bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla; bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe eziLilweni.


Emizaneni inamasimu ayo kwahlala abanye abantwana bakwaJuda: eKiriyati Araba nasemizaneni yalo, naseDiboni nasemizaneni yalo, naseJekabiseyeli nasemizaneni yalo,


Ningakhaleli ofileyo, ningamlileli, kepha nimkhalele nokumkhalela omukayo, ngokuba akasayikubuya, kasayikubona izwe lokuzalwa kwakhe.


Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayikumkhalela ngokuthi: ‘Hhawu, mfowethu,’ noma, ‘hhawu, dadewethu!’ futhi bangamkhaleli ngokuthi: ‘Hhawu, nkosi,’ noma, ‘hhawu, bukhosi bakhe!’


Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.


Lapho inhlangano yonke ibona ukuthi u-Aroni ufile, bamlilela u-Aroni izinsuku ezingamashumi amathathu, yonke indlu yakwa-Israyeli.


AbaJuda ababesendlini naye bemkhuza, bebona uMariya esuka masinyane ephuma, bamlandela, bathi: “Uya ethuneni ukuba akhale khona.”


UJesu wakhala izinyembezi.


Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu.


Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala ekumlileleni uMose.


walithatha kanye nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo, bayichitha ngosiko lwenkemba. Baqothula bonke ababekulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; njengalokho ebenzile kulo iHebroni, wenze njalo kulo iDebiri nakuyo inkosi yalo, njengalokho ebenzile nakulo iLibina nakuyo inkosi yalo.


Wamnika uKalebi indodana kaJefune isabelo phakathi kwabantwana bakwaJuda njengesiyalezo sikaJehova kuJoshuwa, umuzi ka-Araba uyise ka-Anaki, oyiHebroni.


neHumitha, neKiriyati Araba eliyiHebroni, neSiyori, imizi iyisishiyagalolunye nemizana yayo.


Bangcwelisa iKedeshi laseGalile ezintabeni zakwaNafetali, neShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, neKiriyati Araba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda.


Bawanika umuzi ka-Araba owayenguyise ka-Anaki, oyiHebroni, ezintabeni zakwaJuda, kanye namadlelo awo nxa zonke zawo.


UJuda wayesehlasela amaKhanani ayakhe eHebroni igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.


Ngokuba izinsuku zonke indodana kaJese isekhona emhlabeni awuyikuzinza nombuso wakho. Ngalokho thumela umlethe kimi, ngokuba ungowokufa yena.”


USamuweli wafa; wahlangana wonke u-Israyeli, wamlilela, wammbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wasuka, wehlela ehlane lasePharanu.


USamuweli wayesefile; wonke u-Israyeli wamkhalela, wammbela eRama umuzi wakhe. USawule wayexoshile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka