Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 23:2 - IsiZulu 2020

2 Wafela emzini waseKhiriyathi Arbha, okusho ukuthi eHebhroni eKhanani. U-Abhrahama wangena, walila ngoSara.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 USara wafela eKiriyati Araba okuyiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 23:2
36 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrama wayesesusa ithende lakhe, wahamba, wafike wahlala eduze kwezihlahla ezinkulu zemi-okhi eMamre, eHebhroni, wayesemakhela khona uSimakade i-althare.


USara waphila iyiminyaka eyi-127.


U-Abhrahama wamngcwaba umkakhe uSara emgedeni osensimini eseMakhaphela ebhekene neMamre okuyiHebhroni eKhanani.


U-Isaka wamngenisa uRibheka ethendeni likanina uSara. Wamthatha uRibheka waba ngumkakhe, wamthanda, waduduzeka selokhu kwabhubha unina.


U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusisa ngaso. Wazindla enhliziyweni yakhe wathi: “Izinsuku zokulilela ubaba zingafika noma yinini. Uma sezedlule ngizombulala umfowethu uJakobe.”


UJakobe wafika kuyise u-Isaka eMamre, iKhiriyathi Arbha, okuyiHebhroni, lapho u-Abhrahama no-Isaka babekade begogobele khona.


Wathi kuye: “Hamba uyobona ukuthi abafowenu nemfuyo basaphatheke kahle yini, bese ungilethela umbiko.” Wamthuma esuka esigodini eHebhroni, waze wayofika eShekhemu.


UJosefa waziphonsa phezu kukayise, wakhala, wamanga.


Kwathi lapho befika eGoreni Hathadi elingaphesheya komfula iJordani, kwasuka esinamathambo, bakhihla isililo, kwaba muncu. UJosefa wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.


Balila, bakhala, bazila kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule noJonathani, indodana yakhe, nabantu bakaSimakade, nendlu ka-Israyeli, ngokuba babebulewe ngenkemba.


UDavide wamlilela uSawule noJonathani, indodana yakhe, ngaleli culo.


Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebhroni endlini yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.


Kwase kufika wonke amalunga akwa-Israyeli enkosini uDavide eHebhroni. Inkosi uDavide yenza nawo isivumelwano eHebhroni phambi kukaSimakade, ayesemgcoba ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.


Wabusa uJuda eHebhroni iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. Wabusa u-Israyeli noJuda wonke iminyaka engama-33 eJerusalema.


Abozalo luka-Aroni balunika imizi yokuphephela: iHebhroni, neLibhina namadlelo ayo, iJathiri, ne-Eshithemowa namadlelo ayo,


UJeremiya wamlilela uJosiya. Bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bayakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla. Bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe ezililweni.


Maqondana nemizana namasimu ayo, kwahlala abanye abantu bakwaJuda: eKiriyathi Arbha nasemizaneni yalo, eDibhoni nasemizaneni yalo, eJekabhizeyeli nasemizaneni yalo,


Ningamkhaleli ofileyo, ningamlileli; kodwa mkhaleleni kalusizi othunjwayo, ngokuba akasayukubuya; kasayukuphinde alibone izwe azalelwa kulo.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngoJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayukumlilela bathi: ‘Hawu, mfowethu,’ noma, ‘Hawu, dadewethu!’ futhi abayukumkhalela bathi: ‘Hawu, nkosi,’ noma, ‘Maye, inkazimulo yakhe!’


Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebhroni; lapho kwakukhona u-Ahimani, uSheshayi, uThalimayi, nalabo abayizizukulwane zika-Anaki. IHebhroni lalakhiwe iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokwakhiwa kweZowani, eGibhithe.


Inhlangano yonke yabona ukuthi u-Aroni ufile, yamlilela izinsuku ezingama-30, yonke indlu yakwa-Israyeli.


Ngakho-ke abaJuda ababenaye endlini bemduduza, kuthe bebona uMariya esukuma ngokushesha ephuma, bamlandela, ngoba babecabanga ukuthi uya ethuneni ukuba ayokhala khona.


UJesu wakhala izinyembezi.


Amadoda akholwayo amngcwaba uStefani, amkhalela isililo esikhulu.


Abantu bakwa-Israyeli bamlilela uMose besemathafeni kwaMowabi. Bamkhalela izinsuku ezingama-30, sase siphela isikhathi sokulilela uMose.


walidla nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo, balichitha ngenkemba, baqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye; njengalokhu ayenzile eHebhroni, naseDebhiri nakuyo inkosi yalo, naseLibhina nakuyo inkosi yalo.


Wamnika uKhalebhu indodana kaJefune isabelo phakathi kwabozalo lukaJuda njengoba uSimakade ayemyalile uJoshuwa, umuzi ka-Arbha uyise ka-Anaki iHebhroni.


iHumitha, iKiriyathi Arbha eliyiHebhroni, neZiyori; isiyonke imizi iyisishiyagalolunye nemizana yayo.


Behlukanisa iKadeshi eGalile ezintabeni kwaNafethali, iShekhemi ezintabeni kwa-Efrayimi, iKiriyathi Arbha eliyiHebhroni ezintabeni kwaJuda.


Bawanika iKiriyathi Arbha okuyiHebhroni, umuzi kayise ka-Anaki, ezintabeni kwaJuda namadlelo awo nxazonke zawo.


UJuda walwa namaKhanani ayehlala eHebhroni, okwakuthiwa yiKiriyathi Arbha, babulala uSheshayi, u-Ahimani, noThalimayi.


Ngokuba ngazo zonke izinsuku indodana kaJese isaphila emhlabeni awuyukuzinza wena nombuso wakho. Ngalokho thumela umlande eze kimi, ngoba kufanele ukuba afe.”


USamuweli wafa; u-Israyeli wonke wahlangana, wamlilela, wawusummbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wayesesuka, ehlela ehlane ePharanu.


USamuweli wafa; wonke u-Israyeli wamkhalela, wamngcwaba emzini wakhe, eRama. USawule wayebaxoshile ezweni bonke abantu abanamadlozi nabathakathi phakathi kwesizwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka