Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 26:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Wenze izilenge ngoboya bezimbuzi, zibe yitende phezu kwetabernakele, uzenze zibe yizilenge eziyishumi nanye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 “Uyokwenza amakhethini ngoboya bezimbuzi, abe yithende phezu kwethabanakeli, uyokwenza amakhethini ayi-11.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uzakwenza izindwangu zetende ngoboya bembuzi zibe yisibekelelo phezu kwetabernakele; kumelwe wenze izindwangu zamatende eziyishumi nanye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 26:7
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Indodakazi yenkosi inhle kakhulu, ilapho phakathi; ingubo yayo yalukiwe ngegolide.


nokuluhlaza, nokububende, nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi,


“Wolenza itabernakele* ngezilenge eziyishumi; zona wozenza ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, zibe namakherubi,* kube ngumsebenzi wengcweti.


Okudluleleyo kwezilenge zetende, okuseleyo, inxenye yesilenge esiseleyo, kuyakulenga emva kwetabernakele.


Futhi uyakwenza isifulelo setende ngezikhumba ezibomvu zezinqama, nesifulelo sezikhumba zamatahasi* ngaphezulu.


Wenze izinkibaniso ezingamashumi ayisihlanu zegolide, uhlanganise izilenge esinye nesinye ngezinkibaniso, itabernakele libe linye.


Ubude bezilenge bube yizingalo ezingamashumi amathathu, ububanzi bezilenge bube yizingalo ezine, lezi zilenge eziyishumi nanye zilingane.


Wohlanganisa izilenge eziyisihlanu ngokwazo, nezilenge eziyisithupha ngokwazo, isilenge sesithupha siphindwe phambi kwetende.


Bonke okwafunyanwa kubo okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi, nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* bakuletha.


Bonke abesifazane abavuselwa yizinhliziyo zabo ukuhlakanipha baphotha uboya bezimbuzi.


nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi,


UJehova uyakudala phezu kwayo yonke indawo yentaba yaseSiyoni naphezu kwemihlangano yayo ifu nomusi emini nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku, ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyakuba khona isivikelo.


Imfanelo yamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana iyakuba yitabernakele,* netende, nesimbozo salo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,


Nazo zonke izingubo, nakho konke okwenziwe ngesikhumba, nayo yonke imisebenzi yoboya bezimbuzi, nazo zonke izinto ezenziwe ngomuthi, niyakuziphothula mayelana nakho.”


bayakuthwala izilenge zetabernakele,* netende lokuhlangana, nesimbozo salo, nesimbozo sesikhumba samatahasi* esiphezu kwalo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,


kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka