Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 7:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Uyakuqeda zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho lingazihawukeli, ungakhonzi onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kumelwe uqede zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho azokusindisa zona; iso lakho aliyikubahawukela; ungakhonzi onkulunkulu bazo; ngoba kuzakuba lugibe kini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 7:16
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abababhubhisanga abantu uJehova abayaleza ngabo,


Bakhonza izithombe zabo, zaba lugibe kubo.


Abayikuhlala ezweni lakini, funa bakwenze ukuba wone kimi, ngokuba uma ubakhonza onkulunkulu babo, kuyakuba lugibe kuwe.”


Ngasemuva, usho uJehova, ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezinceku zakhe, nabantu abasele kulo muzi esifweni, nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, nasesandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi namusa kubo.’


“ ‘Kepha uma ningaxoshi abantu bezwe phambi kwenu, labo enibashiyayo bayakuba njengezinkandi emehlweni enu nanjengameva ezinhlangothini zenu, banikhathaze ezweni enihlala kulo.


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


awuyikumvumela, ungamlaleli; iso lakho aliyikumhawukela, ungamyeki, ungamfihli,


kepha wombulala impela; isandla sakho siyakuba phezu kwakhe kuqala ukumbulala, ngasemuva isandla sabantu bonke.


Iso lakho aliyikumhawukela, kepha wolikhipha igazi elingenacala kwa-Israyeli ukuba kube kuhle kuwe.


Iso lakho aliyikuhawukela; makube ngukuphila ngokuphila, iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.


womnquma isandla, iso lakho lingabi namhawu.


nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho, uzinqobe, wozichitha nokuzichitha, ungenzi isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo,


Izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo niyakuzishisa ngomlilo; awuyikufisa isiliva noma igolide elikuzo, ungazithatheli lona, funa ucushwe ngalo, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho;


Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlangabezane no-Israyeli ngokulwa, ukuze abaqothule, angabahawukeli, kepha abachithe, njengalokho uJehova ebemyalile uMose.


bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova.


Ngalokho ngithi manje: Angiyikubaxosha phambi kwenu, kepha bayakuba sezinhlangothini zenu, onkulunkulu babo babe lugibe kini.”


bathatha amadodakazi awo aba ngomkabo, banika amadodana awo amadodakazi abo, bakhonza onkulunkulu bawo.


UGideyoni wenza ingubo yamahlombe ngakho, wayibeka emzini wakhe e-Ofira; bonke abakwa-Israyeli baya baphinga nayo khona; yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka