Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 17:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Umuntu oziqhenya ngokungalaleli umpristi omiyo ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu makafe, wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Umuntu oziqhenyayo, ongafuni ukulalela umphristi omiyo okhonza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, noma umehluleli, lowo muntu umelwe ngukufa; wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Umuntu ofuna ukwenza ngokugabadela futhi angamlaleli umpristi omi lapho ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu kufanele afe; futhi kumelwe ususe ububi kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 17:12
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngokuthi bonke abangafiki ngezinsuku ezintathu ngokwesiluleko sezikhulu namalunga kuyakudliwa yonke impahla yabo, bona bahlukaniswe nebandla labathunjwa.


Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngiyakube ngiphelele, ngingabe ngisaba necala eziphambekweni ezinkulu.


Lapho isideleli sihlawuliswa, ongenalwazi uyahlakanipha, nalapho ohlakaniphileyo efundiswa, uyathola ukwazi.


“Makungabikho ophikisana nomunye, asole omunye; nokho abantu bakho bayakuphikisana nabapristi.


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami, uyakwahlulela endlini yami, ugcine namagceke ami; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.


“ ‘Kepha okwenza ngesandla esiphakemeyo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, uyamhlambalaza uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


Ngokuba udelele izwi likaJehova, nomyalo wakhe uwaphulile; lowo muntu uyakunqunywa impela, ububi bakhe bube phezu kwakhe.’ ”


Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu, anothi niphuma kuleyo ndlu noma kulowo muzi, nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu.


“Onizwayo nina uyangizwa mina; onalayo nina uyangala mina; ongalayo mina uyamala ongithumileyo.”


Ongalayo engawamukeli amazwi ami unomahlulelayo; izwi engalikhulumayo yilona eliyakumahlulela ngosuku lokugcina.


Enibathethelela izono zabo bathethelelwe; nenibabamba ngazo babanjiwe.”


Kepha uNkulunkulu uyakwahlulela abangaphandle. Xoshani omubi phakathi kwenu.


“Ngakhuluma-ke kanjalo kini, analalela, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, naziqhenya, nakhuphukela entabeni.


Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.


U-Israyeli wonke uyakuzwa, esabe, angabe esabenza ububi obunjalo njengalobo obuphakathi kwakho.


Lowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho wobulawa, ngokuba ukhulumile okunihlubukisa uJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, wakuhlenga endlini yobugqila, ukuba akuphambukise endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ukuba uhambe ngayo. Uyakukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


“Uma umfowenu, indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho osesifubeni sakho, noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masiye ukukhonza abanye onkulunkulu ongabaziyo,’ wena nawoyihlo,


Bonke abantu bayakuzwa, besabe, bangabe besenza ngokuziqhenya.


Isandla sawofakazi siyakuba ngesokuqala kuye ukumbulala, ngasemuva izandla zabantu bonke. Kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.


Kepha umprofethi oyakukhuluma izwi ngokuziqhenya egameni lami engingamyalanga ukulikhuluma, noma ekhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi uyakufa.’


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho umkhethile kuzo zonke izizwe zakho ukuba eme, akhonze egameni likaJehova, yena namadodana akhe, kuze kube phakade.


uyakukhonza egameni likaJehova uNkulunkulu wakhe njengokwenza kwabo bonke abafowabo amaLevi emiyo khona phambi kukaJehova.


Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngayo iNkosi uJesu.


Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.


Abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze nabanye besabe.


Yilowo nalowo oyakuhlubuka ezwini lakho, angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho, uyakubulawa; qina kuphela, ume isibindi.”


Ngalokho khiphani labo bantu, abantu ababi, abaseGibeya, ukuba sibabulale, sixoshe ububi kwa-Israyeli.” Kepha uBenjamini kavumanga ukulalela izwi labafowabo, abantwana bakwa-Israyeli.


Ngokuba ngimtshelile ukuthi ngiyakwahlulela indlu yakhe kuze kube phakade ngobubi abaziyo, lokhu amadodana akhe ayezehlisela isiqalekiso, engawakhuzanga.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka