UDuteronomi 17:12 - Contemporary Zulu Bible 202412 Umuntu ofuna ukwenza ngokugabadela futhi angamlaleli umpristi omi lapho ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu kufanele afe; futhi kumelwe ususe ububi kwa-Israyeli. Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE12 Umuntu oziqhenya ngokungalaleli umpristi omiyo ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu makafe, wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli. Uka jalj uñjjattʼätaIsiZulu 202012 Umuntu oziqhenyayo, ongafuni ukulalela umphristi omiyo okhonza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, noma umehluleli, lowo muntu umelwe ngukufa; wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli. Uka jalj uñjjattʼäta |
Lowo mprofethi, noma lowomphuphi wamaphupho, uyobulawa; ngoba ukhulume ukuthi akususe kuJehova uNkulunkulu wakho owakukhupha elizweni leGibhithe, wakuhlenga endlini yobugqili, ukuthi akuxotshe endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akulaya ukuthi uhambe ngayo. Ngalokho kumelwe ususe ububi phakathi kwakho.