Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 13:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Uyakuyibuthela yonke impango yawo phakathi nesigcawu sawo, uwushise umuzi ngomlilo, nayo yonke impango yawo, ibe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova uNkulunkulu wakho, ube yinxiwa njalo, ungabe usakhiwa futhi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Yonke impango yawo uyoyiqoqela phakathi nesigcawu sawo, uwushise ngomlilo, nayo yonke impango yawo, kube ngumnikelo wokushiswa kuSimakade uNkulunkulu wakho, umuzi ube yincithakalo yaphakade, ungabe usavuselelwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kumelwe ubuthe yonke impango yawo phakathi nesigcawu sawo futhi uwushise ngomlilo umuzi nayo yonke impango yawo kuJehova uNkulunkulu wakho; futhi kuyoba ithemba kuze kube phakade; ngeke kuphinde kwakhiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 13:16
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Olala nesilwane wobulawa nokubulawa.


Isiprofetho ngeDamaseku. “IDamaseku liyakususwa, lingabe lisaba ngumuzi, libe yinxiwa nencithakalo


Ngokuba wenzile umuzi waba yinqwaba, nomuzi obiyelweyo waba yincithakalo; indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi, ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade.


Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi ngeRaba labantwana bakwa-Amoni; liyakuba yincithakalo, imizi yalo ishiswe ngomlilo, u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe,” usho uJehova.


Ngiyakukwenza idwala eliyinyabule, ube yindawo yokweneka amanetha; awusayikwakhiwa, ngokuba mina Jehova ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova.


“Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendle nendawo yokutshala izivini, ngiqulele amatshe alo esigodini, ngambule isisekelo salo.


Izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo niyakuzishisa ngomlilo; awuyikufisa isiliva noma igolide elikuzo, ungazithatheli lona, funa ucushwe ngalo, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho;


awuyikungenisa isinengiso endlini yakho, ube yinto eqalekisiweyo njengaso; uyakusenyanya nokusenyanya, unengwe nokunengwa yiso, ngokuba kuyinto eqalekisiweyo.


Baqalekisa konke okusemzini, isilisa nesifazane, abasha nabadala, nezinkabi, nezimvu, nezimbongolo, ngosiko lwenkemba.


Bawushisa umuzi ngomlilo, nakho konke okukuwo; isiliva kuphela, negolide, nezitsha zethusi nezensimbi bakufaka endlini yengcebo endlini kaJehova.


UJoshuwa wabafungisa ngaleso sikhathi, wathi: “Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko; uyakubeka isisekelo sawo ngokulahlekelwa yizibulo lakhe, amise amasango awo ngokulahlekelwa ngomncinyane wakhe.”


UJoshuwa wayeselishisa i-Ayi, walenza laba yiduma lenxiwa kuze kube phakade; liyincithakalo kuze kube namuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka