Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 12:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 nilethe khona iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu, neminikelo yenu yesihle, namazibulo ezinkomo zenu nawezimvu zenu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 niyiyise lapho iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, izithembiso zenu, iminikelo yenu yesihle, neyamazibulo ezinkomo nezimvu zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kumelwe nilethe lapho iminikelo yenu yokushiswa nemihlatshelo yenu nokweshumi kwenu neminikelo yokuphakanyiswa evela esandleni senu, nezithembiso zenu neminikelo yenu yesihle namazibulo ezinkomo zenu nawezimvu zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 12:6
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UKore, indodana kaJimna umLevi, umlindisango wasesangweni lasempumalanga, wayephethe iminikelo yesihle kaNkulunkulu ukuba abele iminikelo kaJehova nezinto ezingcwele.


UJehova wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizikhethele le ndawo ukuba ibe yindlu yomhlatshelo.


Kwase kusuka uJeshuwa indodana kaJosadaki, nabafowabo abapristi, noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, bakha i-altare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa phezu kwalo njengokulotshiweyo emthethweni kaMose umuntu kaNkulunkulu.


kulethwe endlini kaNkulunkulu wethu namazibulo amadodana ethu, nawezimpahla zethu njengokulotshiweyo emthethweni, namazibulo ezinkomo zethu nawezimvu zethu, kubapristi abakhonza endlini kaNkulunkulu wethu;


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaLevi babeyakukhuphulela umnikelo wamabele, newayini, namafutha emakamelweni, lapho kukhona izitsha zendlu engcwele, nabapristi abakhonzayo, nabalindisango, nabahlabeleli; besingenakuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.


Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaJehova.


Ngokuba entabeni yami engcwele, empakameni yentaba yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova, indlu yonke yakwa-Israyeli, yonke yayo, iyakungikhonza ezweni; ngiyakubamukela khona, ngibize iminikelo yenu, nolibo lweminikelo yenu, nakho konke okungcwele kwenu.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova.


Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.


“Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho niyangiphanga. “Bese nithi: ‘Sikuphange kanjani na?’ “Ngokweshumi nangeminikelo.


“Kodwa maye kinina baFarisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokwemifino yonke, ninganaki ukulunga nokumthanda uNkulunkulu! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.


Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela okweshumi kukho konke enginakho.’


Ungekudle ngaphakathi kwamasango akho okweshumi kwamabele akho, noma okwewayini lakho, noma okwamafutha akho, noma okwamazibulo ezinkomo zakho, noma awezimvu zakho, noma izithembiso zakho ozenzayo, noma iminikelo yakho yesihle, noma umnikelo wokuphakanyiswa wesandla sakho,


uthathe ulibo lwezithelo zonke zomhlaba olubuthayo ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


kepha libe ngufakazi phakathi kwethu nani naphakathi kwezizukulwane zethu emva kwethu, ukuze senze inkonzo kaJehova phambi kwakhe ngeminikelo yethu yokushiswa, nangemihlatshelo yethu, nangeminikelo yethu yokuthula, ukuba abantwana benu bangasho kubantwana bethu ngesikhathi esizayo ukuthi: ‘Aninasabelo kuJehova.’


Lowo muntu u-Elkana wenyuka kanye nendlu yakhe ukuyonikela kuJehova umhlatshelo weminyaka nesithembiso sakhe.


Eseyilumulile wenyuka nayo enezinkunzi ezintathu, ne-efa* lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaJehova eShilo; umntwana wayesemncane.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka