Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 12:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Uma indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nawe, uyakuhlaba emhlambini wakho nasezimvini zakho akunike khona uJehova, njengalokho ngakuyala, udle phakathi kwamasango akho njengesifiso somphefumulo wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 Uma indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nani, niyohlaba emhlanjini wenu nasezimvini zenu aniphe zona uSimakade, njengalokhu nganiyala, niyokudla lokho phakathi kwamasango enu njengokufisa kwenhliziyo yenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Uma ikude nawe indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayikhethile ukuba abeke igama lakhe kuyo, uyakuhlaba izinkomo zakho nezimvu zakho uJehova akunike zona, njengalokho ngakuyala, udle emasangweni akho konke. Lokho umphefumulo wakho okufisayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 12:21
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda. URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni.


Inkosi uRehobowamu yayisiziqinisa-ke eJerusalema yabusa, ngokuba uRehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi uJehova awukhethileyo ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama umAmonikazi.


uNkulunkulu ohlalise khona igama lakhe awise phansi onke amakhosi nabantu abayakwelula izandla zabo ukuba baguqule lokho, bachithe le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Mina Dariyu ngikhiphe isimemezelo; masenziwe ngaso sonke isineke.”


“ ‘Wongenzela i-altare lomhlabathi, unikele phezu kwalo iminikelo yakho yokushiswa neminikelo yakho yokuthula, izimvu zakho nezinkomo zakho; ezindaweni zonke lapho ngilenza ukuba likhunjulwe khona igama lami, ngiyakuza kuwe, ngikubusise.


kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;


“Nokho ungahlaba, udle inyama ngaphakathi kwawo onke amasango akho njengesifiso somphefumulo wakho nanjengesibusiso sikaJehova uNkulunkulu wakho akuphe sona; ongcolileyo nohlambulukileyo bangadla kukho njengokwensephe nokwendluzele.


“Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakwandisa umkhawulo wakho njengokukwethembisa kwakhe, uze uthi: ‘Ngiyakudla inyama,’ lokhu umphefumulo wakho ufisa ukudla inyama, ungayidla inyama njengesifiso sonke somphefumulo wakho.


Njengalokhu kudliwa insephe nendluzele, uyakukudla kanjalo; ongcolileyo nohlambulukileyo bayakudla ngokufananayo.


Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo, leyo ndlu yakhe niyakuyifuna, nize kuyo,


wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


kepha endaweni ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho ukuba igama lakhe lihlale kuyo, lapho uyakuhlaba iphasika kusihlwa ekushoneni kwelanga, ngesikhathi owaphuma ngaso eGibithe.


uthathe ulibo lwezithelo zonke zomhlaba olubuthayo ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka