URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda. URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi uJehova awukhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba amise khona igama lakhe. Igama likanina lalinguNahama wakwa-Amoni.