Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 11:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Ngalokho wothanda uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imfanelo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 “Ngakho-ke uyomthanda uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine imithetho yakhe, izimiso zakhe, izehlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngakho wothanda uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine njalo izimiso zakhe, nezimiso zakhe, nezimiso zakhe, nemiyalo yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 11:1
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ukuba baqaphele izimiso zakhe, bagcine imithetho yakhe. Haleluya!


Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.


NginguJehova uNkulunkulu wenu: hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze,


Ngalokho gcinani isiyalezo sami ukuba ningenzi nalinye lalawo masiko anengekayo, ayenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngawo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”


“ ‘Ngalokho abogcina isiyalezo sami, funa babe nesono ngaso, bafele kuso, uma besihlambalaza, nginguJehova obangcwelisayo.


Ngasemnyango wetende lokuhlangana niyakuhlala imini nobusuku izinsuku eziyisikhombisa, nisigcine isiyalezo sikaJehova, ukuze ningafi, ngokuba ngiyaliwe kanjalo.”


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami, uyakwahlulela endlini yami, ugcine namagceke ami; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.


“Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,


“Kuyakuthi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,


“Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,


Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.


Ngalokho wolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.”


UJehova uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yenzalo yakho ukumthanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho ukuba uphile.


“Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.”


“Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde, uqaphele ukuzenza.


Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


“Nansi imiyalo, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu ayala ukuba nifundiswe khona, nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,


wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka