UDaniyeli 3:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE6 Ongawi phansi, akhuleke, uyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.” Uka jalj uñjjattʼätaIsiZulu 20206 Ongayukuwa phansi, akhuleke, uyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.” Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 20246 Futhi wonke umuntu ongawi phansi akhuleke uyophonswa phakathi kwesithando somlilo ovuthayo ngaso leso sikhathi. Uka jalj uñjjattʼäta |
Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?”
Bonke abongameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama.