Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 3:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kukhona amadoda abaJuda owabeke phezu kwezindaba zesifunda saseBabele, oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego; lawa madoda, nkosi, awakunakanga; awakhonzi onkulunkulu bakho, awakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Kukhona amadoda abaJuda, owabeke ukuba aphathe isifunda eBhabhele: uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; lawa madoda, nkosi, awawunakanga umyalo wenkosi; awabakhothameli onkulunkulu bakho, awakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kukhona abaJuda abathile owabeke phezu kwezindaba zesifunda saseBabele, oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego; Lawa madoda, nkosi, awakunakanga; azikhonzi onkulunkulu bakho, azikhuleki esithombeni segolide osimisileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 3:12
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UHamani wathi enkosini u-Ahashiveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazekile, sisakazekile phakathi kwabantu bezifunda zonke zombuso wakho; nemithetho yaso yahlukene neyezizwe zonke; futhi asigcini imithetho yenkosi; ngalokho akufanele ukuba inkosi isiyeke.


Ulaka lulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Induna yabathenwa yabetha amagama; uDaniyeli yametha ngokuthi uBeliteshasari, noHananiya uShadiraki, noMishayeli uMeshaki, no-Azariya u-Abedi Nego.


Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBabele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBabele.


UDaniyeli wacela enkosini, yabeka oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego phezu kwezindaba zesifunda saseBabele, kepha uDaniyeli wayesesangweni lenkosi.


nokuba ongawi phansi, akhuleke, aphonswe phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.


OShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego baphendula, bathi enkosini: “Nebukadinesari, thina asidingi ukukuphendula kule ndaba.


Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhuluma okungafanele ngoNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego ziyakuhlahlelwa, izindlu zazo zenziwe iquba, ngokuba akakho omunye unkulunkulu ongophula ngale ndlela.”


Inkosi yabaphakamisa oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego esifundeni saseBabele.


Ayesephendula ethi phambi kwenkosi: “UDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda akakunaki wena nkosi, nesiyalezo osilobileyo, kepha uyacela isicelo sakhe kathathu ngosuku.”


Lapho inkosi isizwile lawa mazwi, yadabuka kakhulu, yayibeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule, yazama ukumophula kwaze kwaba sekushoneni kwelanga.


uJasoni ubamukele; bonke laba benza okuphambene nezimiso zikaKesari, bethi kukhona enye inkosi, nguJesu.”


wathi: “Saniyala nokuniyala ukuba ningafundisi ngalelo gama; bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalowo muntu phezu kwethu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka