Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 2:47 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, lokhu ubunamandla okubonakalisa le mfihlakalo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

47 Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, njengalokhu ukwazile ukwambula le mfihlakalo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

47 Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, nomambuli wezimfihlakalo, lokhu wena ukwazile ukwambula le mfihlakalo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 2:47
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi uFaro kuJosefa: “Njengokuba uNkulunkulu ekwazise wena konke lokhu, akakho oqaphelayo ohlakaniphileyo njengawe.


Wayesebuyela kulowo muntu kaNkulunkulu, yena nabantu bakhe bonke, weza, wema phambi kwakhe, wathi: “Bheka, sengiyazi ukuthi akakho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kwa-Israyeli kuphela; ngakho ake wamukele isipho encekwini yakho.”


Umukisa abapristi bephangiwe, aphenule abemiyo njalo.


Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade;


Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo; zonke izizwe ziyakuyikhonza.


UNkulunkulu umi emhlanganweni wawonkulunkulu; uyahlulela phakathi kwawonkulunkulu.


Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyisa eTire uNebukadinesari inkosi yaseBabele, evela enyakatho, eyinkosi yamakhosi, enamahhashi, nezinqola, nabamahhashi, nesixuku sabantu abaningi.


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


Khona yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli ngombono ebusuku. UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.


uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo; uyazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlezi kuye.


Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo; wazisile inkosi uNebukadinesari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:


“Wena-ke, nkosi, imicabango yakho yokuyakuba khona emva kwalokhu yafika kuwe usembhedeni wakho; owambula izimfihlakalo ukwazisile okuyakuba khona.


Mina-ke, akungokuhlakanipha enginakho kunabanye abakhona ukuthi le mfihlakalo yambuliwe kimi, kepha kungukuba inkosi yaziswe incazelo nokuba wazi imicabango yenhliziyo yakho.


Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso, namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.


Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?”


UNebukadinesari wakhuluma wathi: “Makabongwe uNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, othumile ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zaze zaguqula izwi lenkosi, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki kunkulunkulu noyedwa, uNkulunkulu wabo kuphela.


Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhuluma okungafanele ngoNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego ziyakuhlahlelwa, izindlu zazo zenziwe iquba, ngokuba akakho omunye unkulunkulu ongophula ngale ndlela.”


“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, amise phezu kwayo ophansi phakathi kwabantu.’


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”


Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ezinsukwini zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha kwawonkulunkulu; inkosi uNebukadinesari, uyihlo yambeka induna yezanusi, neyabathwebulayo, neyamaKaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,


Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.


okufihliweyo kwenhliziyo yakhe kuyadalulwa; njalo uyakuwa ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, aqinise athi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli mvuzo.


ayakukubonakalisa ngezikhathi zakhe uSomandla obongekayo, oyedwa, iNkosi yamakhosi, uMbusi wababusi,


“UNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, uyakwazi, no-Israyeli futhi uyakukwazi ukuthi uma kwakungokuhlubuka noma kungokuphambuka kuJehova, ungasisindisi namuhla


nakuJesu Kristu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe


Ayakulwa neWundlu, neWundlu liyakuwanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, nabakanye nalo, ababiziweyo, nabakhethiweyo, nabathembekileyo.”


Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka