UDaniyeli 2:47 - IsiZulu 202047 Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, njengalokhu ukwazile ukwambula le mfihlakalo.” Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE47 Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, lokhu ubunamandla okubonakalisa le mfihlakalo.” Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 202447 Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, nomambuli wezimfihlakalo, lokhu wena ukwazile ukwambula le mfihlakalo; Uka jalj uñjjattʼäta |
Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu onganophula esandleni sami na?”
Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wonkulunkulu abangcwele; okwathi ngezinsuku zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okufana nokuhlakanipha kwawonkulunkulu. Inkosi uNebukhadinezari, uyihlo, yambeka waba yinduna yezanusi, eyabathwebulayo, eyamaKhaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,