Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ayesekhuluma amaKaledi enkosini ngesi-Aramu, athi: “Mana njalo, nkosi; yisho ezincekwini zakho iphupho, thina sibonise incazelo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Ayesekhuluma amaKhaledi enkosini ngesi-Aramu, athi: “Mana njalo, nkosi; yisho ezincekwini zakho iphupho, thina silichaze.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 AmaKaledi aseSiriya akhuluma enkosini, wathi: “Nkosi, phila kuze kube phakade; tshela izinceku zakho iphupho, thina siyakwembula incazelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 2:4
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULabani wayiqamba ngokuthi iJegari Sahadutha,* kepha uJakobe wayibiza ngokuthi iGaledi.*


Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.


Ngokuba wehlile namuhla; uhlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi, umemile onke amadodana enkosi, nezinduna zempi, no-Abiyathara umpristi; bheka, bayadla, bephuza phambi kwakhe, bathi: ‘Mana njalo, nkosi Adoniya.’


Wayesekhothama uBati Sheba, ubuso bakhe bubheke phansi, wakhuluma enkosini, wathi: “Mana njalo, nkosi yami, nkosi Davide.”


Base bethi u-Eliyakimi indodana kaHilikiya noShebina noJowa kuRabi Shake: “Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesi-Aramu, ngokuba siyaluzwa, ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.”


Emihleni ka-Aritahishashita oBishilamu, noMithiredati, noThabeyeli, nabanye abangane bakhe baloba ku-Aritahishashita inkosi yasePheresiya; okulotshiweyo kwakunjengokulotshwa kwesi-Aramu, kwachazwa ngesi-Aramu.


Ngathi enkosini: “Mayime njalo inkosi; ubuso bami bungebiphe ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uchithekile namasango awo eshiswe ngomlilo, na?”


Base bethi o-Eliyakimi noShebina noJowa kuRabi Shake: “Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesi-Aramu, ngokuba siyaluzwa, ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.”


oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye, obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla ukukhonza endlini yenkosi, abafundise izincwadi nolimi lwamaKaledi.


Abuye aphendula, athi: “Inkosi mayisho iphupho ezincekwini zayo, thina sibonise incazelo.”


Athatha athi kuNebukadinesari inkosi: “Mana njalo, nkosi.


Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.


Zase zifika izanusi, nabathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola, ngabatshela iphupho, kepha abangazisanga incazelo yalo.


“Beliteshasari, wena nduna yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe nokuthi awukhathazwa mfihlakalo, ngitshele imibono yephupho lami engilibonileyo nencazo yalo.


Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena inkosikazi endlini yedili; inkosikazi yakhuluma yathi: “Mana njalo, nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho.


Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokwazisa inkosi incazelo.


UDaniyeli wathi enkosini: “Mana njalo, nkosi.


Base bebuthana labo bongameli nezikhulu enkosini, basho kanje kuyo, bathi: “Mana njalo, nkosi Dariyu.


Bonke abongameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama.


Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!”


USamuweli wathi kubo bonke abantu: “Mbhekeni amkhethileyo uJehova ukuthi akakho onjengaye kubantu bonke.” Base bekhamuluka abantu bonke, bathi: “Mayime njalo inkosi.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka