Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 2:4 - IsiZulu 2020

4 Ayesekhuluma amaKhaledi enkosini ngesi-Aramu, athi: “Mana njalo, nkosi; yisho ezincekwini zakho iphupho, thina silichaze.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ayesekhuluma amaKaledi enkosini ngesi-Aramu, athi: “Mana njalo, nkosi; yisho ezincekwini zakho iphupho, thina sibonise incazelo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 AmaKaledi aseSiriya akhuluma enkosini, wathi: “Nkosi, phila kuze kube phakade; tshela izinceku zakho iphupho, thina siyakwembula incazelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 2:4
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULabani wayibiza leyo ndawo ngokuthi yiJega Sahadutha, uJakobe wayibiza ngokuthi yiGaledi.


Ekuseni uFaro wakhathazeka emoyeni wakhe, wathumela ukuba kubizwe zonke izanusi, nazo zonke izihlakaniphi zaseGibhithe, wabatshela ngamaphupho akhe, kodwa akekho namunye owakwazi ukumchazela wona.


Phela wehlile namuhla ukuba ahlabe izinkabi, amathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi; umeme onke amadodana enkosi, abakhuzi bempi, no-Abhiyathara umphristi; bheka, bayadla, bayaphuza phambi kwakhe, bathi: ‘Mana njalo, nkosi Adoniya.’


UBhathi Sheba wayesekhothama wathi mbo ngobuso bakhe phansi, wakhuleka enkosini, wathi: “Mana njalo, nkosi yami, nkosi Davide.”


U-Eliyakimi, indodana kaHilikiya, uShebhina, noJowa, bathi kuRabi Shake: “Ake ukhulume nezinceku zakho ngesi-Aramu, ngokuba siyasizwa, ungakhulumi nathi ngolimi lwabaJuda, funa kuzwe abantu abasogangeni.”


Sekubusa u-Arithahishashitha, inkosi yasePheresiya, uBhishilamu, uMithiredathi, uThabeheli nabo bonke ababebambisene nabo babhalela u-Arithahishashitha, inkosi yasePheresiya, incwadi ngesi-Aramayikhi, bayihumusha.


Ngaphendula ngathi enkosini: “Mana njalo, nkosi! Kungenzeka kanjani ukuba ubuso bami bungadangali, lapho umuzi oyindawo yamathuna okhokho uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo na?”


U-Eliyakimi noShebhina noJowa, bathi kuRabi Shake: “Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesi-Aramu, ngokuba siyasizwa, kodwa ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.”


oshafisa izibonakaliso zabaphrofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye; obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


Aqoke abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla okukhonza endlini yenkosi; abafundise izincwadi nolimi lwamaKhaledi.


Abuye aphendula, athi: “Inkosi mayisho iphupho ezincekwini zayo, thina silichaze.”


Akhuluma athi kuNebukhadinezari, inkosi: “Phila kade, nkosi.


Khona lapho uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathi: “Bhelitheshazari, iphupho nencazelo makungakwesabisi.” UBhelitheshazari waphendula, wathi: “Nkosi, iphupho malibe ngelabakuzondayo, nencazelo yalo ibe ngeyezitha zakho.


Kwase kufika izanusi, abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola, ngabatshela iphupho, kodwa bahluleka ukungichazela lona.


“Bhelitheshazari, wena nduna yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wonkulunkulu abangcwele ukuwe nokuthi awukhathazwa mfihlakalo, ngitshele imibono yephupho lami engilibonileyo nencazelo yalo.


Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena indlovukazi endlini yedili, yakhuluma yathi: “Mana njalo, nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho.


Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokuyazisa inkosi ngencazelo yawo.


UDaniyeli wathi enkosini: “Mana njalo, nkosi.


Base bebuthana labo mengameli nezikhulu baya enkosini beyisixuku, basho lokhu kuyo, bathi: “Phila kade, nkosi Dariyu.


Bonke omengameli bombuso, ababusi, izikhulu, abomkhandlu, nezinduna babonisene ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo kunoma yimuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingama-30, ngaphandle kwakho nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama.


Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zazimemeza zithi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiswe ozayo egameni leNkosi. Hosana kweliphezulu!”


USamuweli wathi kubo bonke abantu: “Niyambona lowo uSimakade amkhethileyo, ukuthi akekho onjengaye phakathi kwabantu bonke na?” Bonke abantu bakhamuluka bathi: “Mayime njalo inkosi!”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka